Ukugcinwakulondolozwa kwendlelakuphila nosikompilo abangamaZulu ezibayeni: ucwaningo olubheka imboni yamatekisi

dc.contributor.authorMaphumulo, Nduduzo Njabulo
dc.contributor.supervisorZungu, E.B.
dc.date.accessioned2026-07-09T13:26:24Z
dc.date.issued2021
dc.descriptionA research report submitted in partial fulfilment of the requirements for the degree of Master of Arts (African languages), to the Faculty of Humanities, School of Languages, Literature and Media, University of the Witwatersrand, Johannesburg, 2021
dc.description.abstractLolu cwaningo “Ukugcinwakulondolozwa kwendlelakuphila nosikompilo lwabantu abangamaZulu ezibayeni: ucwaningo olubheka imboni yamatekisi”, luhlose ukuveza ukuqhakanjiswa kosikompilo lokuphilisana nokubumbana embonini yamatekisi esifundazweni sase-Gauteng, edolobheni lase-Johannesburg. Lolu cwaningo lugqugquzelwe ukuthi imibhalo eminingi yesiZulu ayibukeki ikhuthaza okungamasiko namagugu esizwe sikaZulu kanti le mboni ibukeka izibophezele empilweni yesizwe sikaPhunga noMageba. Abantu abangamaZulu bayakholelwa kakhulu ukuthi umnumzane womuzi kumele abe nemfuyo ukuze akwazi ukuhlonipheka futhi ondle umdeni wakhe. Isibaya siqukethe isithunzi somnumzane. Isibaya siyinsika yomuzi. Izinkomo nazo ziyaphuma ekuseni ziyodla ukuze zikwazi ukusengwa kutholakale ubisi, kudliwe ekhaya. Yilapho kusengwa khona, kuhlatshelwa khona, kugcinwe khona amasiko alowo muzi kuphinde futhi kutholakale umquba kutshalwe. Isibaya yilapho kunqwabelene amagugu omndeni futhi siyinqolobane yala magugu. Izinkomo zinezinsuku ezihanjiswa ngazo ediphini ukuze zihlale ziphila kahle njalo. Izinkomo ziba nophawu olukhombisa ukuthi zingezakwabani. Kunemizila lapho izinkomo zihamba khona uma ziya emadlelweni noma ediphini. Nalapha embonini yamatekisi abantu angamaZulu kwenzeka okufanayo kubona, babuka amatekisi njengezinkomo zabo. Amatekisi nawo anezikhumulo zawo lapho ehlala khona njengazo phela izinkomo ezibayeni. Amatekisi awukhezo abadla ngalo oluletha isinkwa etafuleni ngenhloso yokuxosha ikati eziko. Njengezinkomo, amatekisi nawo ayaphuma ekuseni ayosebenza ukuze kutholakale imali. Ngezikhathi zamakhefu ayanakekelwe uma efile, ahlanzwe, kuphinde futhi kube nemiqhudelwano lapho lapho kubonakala itekisi okuyilona elihle ukunawowonke. Nasemaqeleni ngokunjalo, kuba nemiqhudelwano yezinkunzi, ziqhathwe kubonakale edla mhlanganiso. Amatekisi nawo aba nekheli elikhombisa ukuthi lingelakwabani. Amatekisi nawo anemizila lapho ahamba khona uma esebenza. Ukubuyekwezwa kwemibhalo esondelene nalolu cwaningo kuveze ukuthi abahlaziyi abathile banemibono eyahlukene ngomlayezo oqukethwe usikompilo. Lolu cwaningo lubheke yonke lemibono lwase lwaqhamuka nombono owahlukile. Lolu cwaningo luphawula ngokufika kwesikhathi soguquko ezweni laseNingizimu Afrika, kwangena intando yabantu nomthethosisekelo omusha ongacwasi ngokwebala, ubuhlanga, inkolo nobulili. Kuyavela ukuthi ukuguquka kwesimo sezombusazwe kushintshe indlela abantu abaphila ngayo. Imibhalo eminingi egxile kusikompilo iphonsa inselelo iphinde igcizelela ukuthi abantu baphile futhi bangawalahli amasiko abo. Ukugcinwa kwamasiko kubumba isizwe ukuthi singahlakazeki ukuze kulondoloke amasiko adluliselwe esizukulwaneni esilandelayo. Le mibhalo iphinde futhi ikhuthaze ukuzwana nokubekezelelana kwezinhlanga ezakhele leli zwe, ezahlukene ngokwamasiko. Ngaphandle kokuthi le mibhalo iyakhuthaza, iyisibuko sikaZulu lapho izizukulwane ziyokwazi ukuzibuka khona. Ziziqhenye ngobuzwe bazo. Ucwaningo luveza nezimbangela ezenza ukuthi abantu bagcine sebekhohlwa amasiko abo. Izinguquko zigqame kakhulu emumva konyaka we-1994 okwakungunyaka abantu abaqala ngawo ukufudukela ezindaweni zasemadolobheni ngenhloso yokufuna ukuphila impilo engcono kanye namthuba emisebenzi. Lokhu kube sekushintsha indlela abantu abakhuliswa nabaphila ngayo. Isizwe samaZulu sidume ngokugcina amasiko aso, ukuhlonipha, ukuphilisana, nokubekezelelana kugwema ukuthi isizwe singanhlanhlathi sihlale emzileni ukuze singalahlekelwa isithunzi. Ucwaningo luzophinde luveze lugxile kakhulu ekutheni abantu abangamaZulu embonini yamatekisi bawahlonipha baphinde bawalondoloze kanjani amasiko uma besekuhambeni bengekho emakhaya. Luzophinde lubheke umthelela wokugcinwa kwawo lama siko, kuqhathaniswe nendlela eyayiphilwa emandulo bengangafiki abantu abamhlophe. Ucwaningo luzobheka indlela impucuko yaseNtshonalanga ekhinyabeze nagayo amasiko okuphila nokuphilisana kwesizwe samaZulu. Ucwaningo lusebenzise injulalwazi i-socio cultural theory. Le njulalwazi ikwenza kubelula ukwenza lolu cwaningo ngokubheka indlela abantu abaphila ngayo emiphakathini. Lusebenzise indlela yeKhwalithethivu, ehlonzwe njengefanele ukwenza lolu cwaningo. Le pharadaymu ilekelelwe yileyo eyaziwa ngokuthi iPharadaymu Eqondayo. Lubalulekile lolu cwaningo ngoba luveza indlela abantu abangamaZulu embonini yezokuthutha ukuthi bawalondoloza kanjani amasiko abo ukuze angashabalali yize noma bengekho emakhaya. Kubalulekile ukuveza ukuthi zikhona izinselelo ezintsha neziqukethwe usikompilo esizweni ezibangelwe ukushintsha kwemithethosisekelo kahulumeni.INingizimu Afrika inemithethosisekelo eyishumi nane (14) eshicilelwe nelawula izwe laseNingizimu Afrika.
dc.description.submitterMMM2026
dc.facultyFaculty of Humanities
dc.identifier0000-0003-4157-4417
dc.identifier.citationMaphumulo, Nduduzo Njabulo. (2021). Ukugcinwakulondolozwa kwendlelakuphila nosikompilo abangamaZulu ezibayeni: ucwaningo olubheka imboni yamatekisi. [Master's dissertation, University of the Witwatersrand, Johannesburg]. WIReDSpace. https://hdl.handle.net/10539/49555
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10539/49555
dc.language.isoisiZulu
dc.publisherUniversity of the Witwatersrand, Johannesburg
dc.rights©2021 University of the Witwatersrand, Johannesburg. All rights reserved. The copyright in this work vests in the University of the Witwatersrand, Johannesburg. No part of this work may be reproduced or transmitted in any form or by any means, without the prior written permission of University of the Witwatersrand, Johannesburg.
dc.rights.holderUniversity of the Witwatersrand, Johannesburg
dc.schoolSchool of Literature, Language and Media
dc.subjectUkugcinwakulondolozwa
dc.subjectYamatekisi
dc.subjectisiZulu
dc.subjectLwabantu abangamaZulu
dc.subjectamaZulu
dc.subjectINingizimu Afrika
dc.subjectAfrican languages
dc.subjectUCTD
dc.subject.primarysdgSDG-4: Quality education
dc.titleUkugcinwakulondolozwa kwendlelakuphila nosikompilo abangamaZulu ezibayeni: ucwaningo olubheka imboni yamatekisi
dc.typeDissertation

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Maphumulo_Ukugcinwakulondolozwa_2021.pdf
Size:
854.25 KB
Format:
Adobe Portable Document Format

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
license.txt
Size:
2.43 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: