Izibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini Zulu: Kuhlaziywa Amasu Ezinyosi uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe Okuveza Impilo Nomlando WeSilo

dc.contributor.authorMoremi, Ignatius Mbongeni
dc.contributor.supervisorNtombela, Sipho Albert
dc.date.accessioned2024-09-23T18:11:06Z
dc.date.available2024-09-23T18:11:06Z
dc.date.issued2023-11
dc.descriptionUmsebenzi owethulwa ukugcwalisa isidingo seqhuzu lweMastazi, to the Faculty of Humanities, at the Wits School of Education, in the University of the Witwatersrand, Johannesburg, 2023.
dc.description.abstractNakuba ubukhosi bakwaZulu bugqame ngamaKhosi oSelwa amaningi aseke ahola isizwe samaZulu kodwa kubukeka kugqoza ukuhlaziywa kwezibongo zamanye amaKhosi oSelwa. Maningi amaKhosi oSelwa ezingakahlaziywa izibongo zawo. Ngaleyo ndlela kuningi okungavezwanga mayelana namanye amaKhosi oSelwa mayelana nezinselelo abhekana nazo nanokuthi azinqoba kanjani lezo zinselelo. Lolu cwaningo beluhlose ukuhlaziya ukuthi izinyosi ezimbili uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe zisebenzisa maphi amasu ezibongweni zeSilo ukuveza umlando nempilo yeSilo. Kulolu cwaningo kusetshenziswe izinjulalwazi ezintathu - injulalwazi eyaziwa i-orality approach, i-interpretive approach kanye ne-stylistic approach, idatha yase ihlaziywa nge-Thematic Content Analysis. Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi izinyosi zisebenzisa isu lokuboleka ezibongweni zeNkosi uShaka ngenhloso yokuveza ukuthi indlela eya ebukhosini inezinselelo kangakanani, isu lokuxova izigameko ukuze umuntu olalele izibongo alalelisise, isu lokuphinda isigameko sokubalekela kwaMahlangu kweSilo uZwelithini ukugqamisa ubunzima esabhekana nabo, isu lokudalula izigameko kanye nabantu abathwesa iSilo ubunzima ngenhloso yokugqamisa isigameko esazwisa iSilo ubuhlungu, isu lokudalula amagama abantu abasiza iSilo ngenhloso yokuvezela isizwe ukuthi akuwona wonke amalunga aseNdlunkulu namalunga omphakathi ayephikisana nezinhloso zeSilo, isu lokuhlekisa ngabantu abathile ngenhloso yokwenza izigameko ezithile zingasuki kalula emiqondweni yabantu, isu lokusebenzisa umqondo osobalo ngenhloso yokungafihli izigameko ezithile, isu lokusebenisa umqondo ocashile ngenhloso yokufihla ezinye izigameko ezingafaka abanye abantu enkingeni, isu lokudalula isigameko sokubalekela kwaMahlangu kweSilo ukugqamisa ubuhlakani beSilo, isu lokudalula ukuthi iSilo sabhekana kanjani nabantu ababephikisana naso, isu lokusebenzisa umqondo ocashile ongajwayelekile ukuveza impumelelo yeSilo ekuholeni isizwe samaZulu kanye nesu lokungathekisa iSilo ngezilwane zasekhaya, izilwane zasendle nokunye.
dc.description.submitterMM2024
dc.facultyFaculty of Humanities
dc.identifier0009-0006-4221-9475
dc.identifier.citationMoremi, Ignatius Mbongeni. (2023). Izibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini Zulu: Kuhlaziywa Amasu Ezinyosi uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe Okuveza Impilo Nomlando WeSilo. [Master's dissertation, University of the Witwatersrand, Johannesburg]. WIReDSpace. https://hdl.handle.net/10539/41048
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10539/41048
dc.language.isoisiZulu
dc.publisherUniversity of the Witwatersrand, Johannesburg
dc.rights©2023 University of the Witwatersrand, Johannesburg. All rights reserved. The copyright in this work vests in the University of the Witwatersrand, Johannesburg. No part of this work may be reproduced or transmitted in any form or by any means, without the prior written permission of University of the Witwatersrand, Johannesburg.
dc.rights.holderUniversity of the Witwatersrand, Johannesburg
dc.schoolWits School of Education
dc.subjectIzibongo zamakhosi
dc.subjectIzibongo zeSilo uZwelithini
dc.subjectInyosi uNtulizempi Dlamini
dc.subjectInyosi uBuzetsheni Mdletshe
dc.subjectImpilo nomlando weSilo uZwelithini
dc.subjectUCTD
dc.subject.otherSDG-4: Quality education
dc.titleIzibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini Zulu: Kuhlaziywa Amasu Ezinyosi uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe Okuveza Impilo Nomlando WeSilo
dc.typeDissertation
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Moremi_Izibongo_2023.pdf
Size:
1.47 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
2.43 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: