Izibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini Zulu: Kuhlaziywa Amasu Ezinyosi uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe Okuveza Impilo Nomlando WeSilo

Date
2023-11
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of the Witwatersrand, Johannesburg
Abstract
Nakuba ubukhosi bakwaZulu bugqame ngamaKhosi oSelwa amaningi aseke ahola isizwe samaZulu kodwa kubukeka kugqoza ukuhlaziywa kwezibongo zamanye amaKhosi oSelwa. Maningi amaKhosi oSelwa ezingakahlaziywa izibongo zawo. Ngaleyo ndlela kuningi okungavezwanga mayelana namanye amaKhosi oSelwa mayelana nezinselelo abhekana nazo nanokuthi azinqoba kanjani lezo zinselelo. Lolu cwaningo beluhlose ukuhlaziya ukuthi izinyosi ezimbili uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe zisebenzisa maphi amasu ezibongweni zeSilo ukuveza umlando nempilo yeSilo. Kulolu cwaningo kusetshenziswe izinjulalwazi ezintathu - injulalwazi eyaziwa i-orality approach, i-interpretive approach kanye ne-stylistic approach, idatha yase ihlaziywa nge-Thematic Content Analysis. Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi izinyosi zisebenzisa isu lokuboleka ezibongweni zeNkosi uShaka ngenhloso yokuveza ukuthi indlela eya ebukhosini inezinselelo kangakanani, isu lokuxova izigameko ukuze umuntu olalele izibongo alalelisise, isu lokuphinda isigameko sokubalekela kwaMahlangu kweSilo uZwelithini ukugqamisa ubunzima esabhekana nabo, isu lokudalula izigameko kanye nabantu abathwesa iSilo ubunzima ngenhloso yokugqamisa isigameko esazwisa iSilo ubuhlungu, isu lokudalula amagama abantu abasiza iSilo ngenhloso yokuvezela isizwe ukuthi akuwona wonke amalunga aseNdlunkulu namalunga omphakathi ayephikisana nezinhloso zeSilo, isu lokuhlekisa ngabantu abathile ngenhloso yokwenza izigameko ezithile zingasuki kalula emiqondweni yabantu, isu lokusebenzisa umqondo osobalo ngenhloso yokungafihli izigameko ezithile, isu lokusebenisa umqondo ocashile ngenhloso yokufihla ezinye izigameko ezingafaka abanye abantu enkingeni, isu lokudalula isigameko sokubalekela kwaMahlangu kweSilo ukugqamisa ubuhlakani beSilo, isu lokudalula ukuthi iSilo sabhekana kanjani nabantu ababephikisana naso, isu lokusebenzisa umqondo ocashile ongajwayelekile ukuveza impumelelo yeSilo ekuholeni isizwe samaZulu kanye nesu lokungathekisa iSilo ngezilwane zasekhaya, izilwane zasendle nokunye.
Description
Umsebenzi owethulwa ukugcwalisa isidingo seqhuzu lweMastazi, to the Faculty of Humanities, at the Wits School of Education, in the University of the Witwatersrand, Johannesburg, 2023.
Keywords
Izibongo zamakhosi, Izibongo zeSilo uZwelithini, Inyosi uNtulizempi Dlamini, Inyosi uBuzetsheni Mdletshe, Impilo nomlando weSilo uZwelithini, UCTD
Citation
Moremi, Ignatius Mbongeni. (2023). Izibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini Zulu: Kuhlaziywa Amasu Ezinyosi uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe Okuveza Impilo Nomlando WeSilo. [Master's dissertation, University of the Witwatersrand, Johannesburg]. WIReDSpace. https://hdl.handle.net/10539/41048