Igxathu Likamaskandi Ekulweni Nokucwaswa Kwabantu Abamnyama Ngaphambi Nangemuva Kwenkululeko Eningizimu Afrika: Umfaz’omnyama, Uphuzekhemisi Kanye Nezingane Zoma

Date
2023-06
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
University of the Witwatersrand, Johannesburg
Abstract
IQOQO Kuloku kucubungula kuvezwe lokho okutholakele nokumele ngabe kwenzeka ngesikhathi kwenziwa ukucubungula ngeqhaza lomaskandi ekulweni nokucwaswa kwabantu abamnyama ngaphambi nangemuva kwenkululeko eNingizimu Afrika. Kuyagqama ngaloku cubungula ukuthi bakhona ababhali okuthe ngesikhathi sobandlululo baqoka ukubhala izingoma ezikugxekayo okube yimiphumela nemithelela emibi yokunganyelwa ngenkani ngabamhlophe kwezwe laseNingizimu Afrika nezwekazi lonke lase-Afrika. Kucacile futhi ukuthi uMfaz’Omnyama, uPhuzekhemisi neZingane Zoma babhalile kakhulu bekhala ngayo le miphumela nemithelela yokucwaswa kwabantu abamnyama ngaphambi nangemuva kwenkululeko eNingizimu Afrika. Izingoma zabo ziyahlukaniseka ngokwezindikimba ababekhononda ngazo. Kukhona lezo ezikhononda ngokuthathwa kwezwe laseNingizimu Afrika ngenkani, ukuhamba kobaba emakhaya isikhathi eside abanye bangabe besabuya, ukungabi nabuntu kwabamhlophe nalabo asebengamele izwe okungosopolitiki, ukulahleka kwamasiko nenhlonipho kubantu ngenxa yemfundo yabamhlophe. Ayavela futhi namazinga okukhononda njengoba kuvelile ukuthi kukhona izingoma zabo ezivezayo nje kuphela ukuhlupheka kwabantu boMdabu nabesifazane, kube khona lezo ezigxeka osopolitiki ziphinde zihambisane nabo ngenxa yenkece namandla abanawo ekuthuthukiseni labo abangenalutho, bese kuba khona lezo ezishoshozela ukuba kwenziwe okuthile ukuze kuguqulwe isimo sempilo nenhlalo yabantu eNingizimu Afrika.
Description
A research report submitted in accordance with the requirements for the degree of Masters of African Languages and Linguistics in the subject African Languages at the Faculty of Humanities, School of Literature, Language and Media, at the University of the Witwatersrand, Johannesburg, in 2023.
Keywords
Maskandi, uPhuzekhemisi, uMfaz'omnyama, UCTD
Citation
Buthelezi, Xolani Norman. (2023). Igxathu Likamaskandi Ekulweni Nokucwaswa Kwabantu Abamnyama Ngaphambi Nangemuva Kwenkululeko Eningizimu Afrika: Umfaz’omnyama, Uphuzekhemisi Kanye Nezingane Zoma. [Master's dissertation, Univesristy of the Witwatersrand, Johannesburg]. WIReDSpace. https://hdl.handle.net/10539/39876