Umculo Womaskandi: Kuhlaziywa Amaculo Omaskandi Besizulu Acwasa Abantu Besifazane Ngokobulili

dc.contributor.authorNtshangase, Noluthando
dc.contributor.supervisorNtombela, Sipho Albert
dc.date.accessioned2024-09-18T09:23:51Z
dc.date.available2024-09-18T09:23:51Z
dc.date.issued2023-09
dc.descriptionUmsebenzi owethulwa ukugcwalisa isidingo seqhuzu leMastazi, lungumsebenzi ocwaningwe yimina ngokulandela imigomo nemibandela yesikhungo semfundo ephakeme, Faculty of Humanities, Wits School of Eduction, i-University of the Witwatersrand, Johannesburg, 2023.
dc.description.abstractNakuba omaskandi befundisa baphinde bajabulise abalandeli babo kodwa amanye amaculo abo akuveza ngokusobala ukuthi kunomaskandi ababandlulula noma abacwasa abantu besifazane ngokobulili, nakuba sesiphila ezweni lentando yeningi. Lolu cwaningo beluhlose ukuveza omaskandi besiZulu abacwasa abantu besifazane ngokobulili kanye nokuhlaziya ukuthi lokhu bakwenza kanjani futhi kunamthelela muni. Amaculo omaskandi engiwahlaziyile ngiwaqoqe emakhasethini, kumasidi, kumadividi nasezinkundleni zokuxhumana ezifana no-YouTube. Angamashumi amabili esewonke amaculo omaskandi besiZulu engiwahlaziyile. Lolu cwaningi lweyeme kuzinjulalwazi ezimbili - injulalwazi eyaziwa ngokuthi i-African Feminism kanye ne-Mainstream/Liberal Feminism. Ngisebenzise injulalwazi eyaziwa ngokuthi yi Thematic Content analysis ukuhlaziya idatha. Ucwaningo luthole ukuthi abanye bomaskandi abacwasa abantu besifazane emaculweni abo nguThwalofu naMankentshane, Izingane zoMa, uThokozani Langa, Imithente, uBhekumuzi Luthuli, uShwi noMtekhala, uGatsheni, uDumezweni, Igcokama Elisha kanye neHhash’ Elimhlophe. Ucwaningo lubuye lwathola ukuthi omaskandi bacwasa abantu besifazane ngokukhubazeka kwabo, besebenzisa amagama ahlambalazayo nangokusebenzisa izinkoleloze namasiko esiZulu. Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi ukucwaswa kwabantu besifazane kunemiphumela elandelayo: Okokuqala, kubaculi bakamaskandi kutholakala ukhondolo lokucwaswa kwabantu besifazane kusukela kulabo asebemnkantshubomvu abafana noThwalofu naMankentshane kuze kufinyelele kulabo abasanda kungena kule ndima yomculo. Okwesibili, kutholakala abantu besifazane kuyibona abahlukunyezwa ngamaculo omaskandi acwasayo, okuholela ekutheni bagcine bekipita bebalekela ukuzalela emakhaya, bazenyeze, baphelelwe nawukuzethemba okanye begcine bemukela ukuhlanjalazwa njengento ejwayelekile baphinde babekezelele ubudlelwano obubahlukumezayo. Okwesithathu, umphakathi uyagqugquzeleka ukuba uqhubeke nokucwasa abantu besifazane ngezindlela ezehlukene, okwenziwa yibo omaskandi abadumile abalokhu belishumayele njalo ivangeli lokucindezelwa kwabantu besifazane. Lusadingeka nokho ucwaningo okumele lwenziwe mayelana namaculo omaskandi bezinye izilimi, (isiXhosa, isiNdebele, isiTswana, nezinye). Lusadingeka futhi ucwaningo oluzoqhathanisa ukuthi lokhu omaskandi abathi uma becula bakulingise kumadividi nakuma-Youtube kuyahambelana yini nalokhu abakushoyo emaculweni abo.
dc.description.sponsorshipWhitmore Richards Bursary.
dc.description.submitterMM2024
dc.facultyFaculty of Humanities
dc.identifier0009-0003-2354-2400
dc.identifier.citationNtshangase, Noluthando. (2023). Umculo Womaskandi: Kuhlaziywa Amaculo Omaskandi Besizulu Acwasa Abantu Besifazane Ngokobulili. [Master's dissertation, University of the Witwatersrand, Johannesburg]. WIReDSpace. https://hdl.handle.net/10539/40913
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10539/40913
dc.language.isoIsiZulu
dc.publisherUniversity of the Witwatersrand, Johannesburg
dc.rights©2023 University of the Witwatersrand, Johannesburg. All rights reserved. The copyright in this work vests in the University of the Witwatersrand, Johannesburg. No part of this work may be reproduced or transmitted in any form or by any means, without the prior written permission of University of the Witwatersrand, Johannesburg.
dc.rights.holderUniversity of the Witwatersrand, Johannesburg
dc.schoolWits School of Education
dc.subjectUkucwasa
dc.subjectPatriarchy
dc.subjectUkubandlulula
dc.subjectUbulili
dc.subjectAbantu besifazane
dc.subjectUmculo womaskandi
dc.subjectUCTD
dc.subject.otherSDG-4: Quality education
dc.titleUmculo Womaskandi: Kuhlaziywa Amaculo Omaskandi Besizulu Acwasa Abantu Besifazane Ngokobulili
dc.typeDissertation
Files
Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
Ntshangase_Umculo_2023.pdf
Size:
1.51 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
2.43 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: