Electronic Theses and Dissertations (Masters)
Permanent URI for this collection
Browse
Browsing Electronic Theses and Dissertations (Masters) by Keyword "Abantu besifazane"
Now showing 1 - 1 of 1
Results Per Page
Sort Options
Item Umculo Womaskandi: Kuhlaziywa Amaculo Omaskandi Besizulu Acwasa Abantu Besifazane Ngokobulili(University of the Witwatersrand, Johannesburg, 2023-09) Ntshangase, Noluthando; Ntombela, Sipho AlbertNakuba omaskandi befundisa baphinde bajabulise abalandeli babo kodwa amanye amaculo abo akuveza ngokusobala ukuthi kunomaskandi ababandlulula noma abacwasa abantu besifazane ngokobulili, nakuba sesiphila ezweni lentando yeningi. Lolu cwaningo beluhlose ukuveza omaskandi besiZulu abacwasa abantu besifazane ngokobulili kanye nokuhlaziya ukuthi lokhu bakwenza kanjani futhi kunamthelela muni. Amaculo omaskandi engiwahlaziyile ngiwaqoqe emakhasethini, kumasidi, kumadividi nasezinkundleni zokuxhumana ezifana no-YouTube. Angamashumi amabili esewonke amaculo omaskandi besiZulu engiwahlaziyile. Lolu cwaningi lweyeme kuzinjulalwazi ezimbili - injulalwazi eyaziwa ngokuthi i-African Feminism kanye ne-Mainstream/Liberal Feminism. Ngisebenzise injulalwazi eyaziwa ngokuthi yi Thematic Content analysis ukuhlaziya idatha. Ucwaningo luthole ukuthi abanye bomaskandi abacwasa abantu besifazane emaculweni abo nguThwalofu naMankentshane, Izingane zoMa, uThokozani Langa, Imithente, uBhekumuzi Luthuli, uShwi noMtekhala, uGatsheni, uDumezweni, Igcokama Elisha kanye neHhash’ Elimhlophe. Ucwaningo lubuye lwathola ukuthi omaskandi bacwasa abantu besifazane ngokukhubazeka kwabo, besebenzisa amagama ahlambalazayo nangokusebenzisa izinkoleloze namasiko esiZulu. Ucwaningo luphinde lwathola ukuthi ukucwaswa kwabantu besifazane kunemiphumela elandelayo: Okokuqala, kubaculi bakamaskandi kutholakala ukhondolo lokucwaswa kwabantu besifazane kusukela kulabo asebemnkantshubomvu abafana noThwalofu naMankentshane kuze kufinyelele kulabo abasanda kungena kule ndima yomculo. Okwesibili, kutholakala abantu besifazane kuyibona abahlukunyezwa ngamaculo omaskandi acwasayo, okuholela ekutheni bagcine bekipita bebalekela ukuzalela emakhaya, bazenyeze, baphelelwe nawukuzethemba okanye begcine bemukela ukuhlanjalazwa njengento ejwayelekile baphinde babekezelele ubudlelwano obubahlukumezayo. Okwesithathu, umphakathi uyagqugquzeleka ukuba uqhubeke nokucwasa abantu besifazane ngezindlela ezehlukene, okwenziwa yibo omaskandi abadumile abalokhu belishumayele njalo ivangeli lokucindezelwa kwabantu besifazane. Lusadingeka nokho ucwaningo okumele lwenziwe mayelana namaculo omaskandi bezinye izilimi, (isiXhosa, isiNdebele, isiTswana, nezinye). Lusadingeka futhi ucwaningo oluzoqhathanisa ukuthi lokhu omaskandi abathi uma becula bakulingise kumadividi nakuma-Youtube kuyahambelana yini nalokhu abakushoyo emaculweni abo.