Ukuhlazinywa kwezinjongo ezahlukene zokwethiwa kwamagama ezingane eziphilayo nezaphuphuma esigodini sakwaNdelu, Emzumbe

dc.contributor.authorMadlala, Nontsikelelo Joyfull
dc.date.accessioned2023-11-07T11:25:53Z
dc.date.available2023-11-07T11:25:53Z
dc.date.issued2023
dc.descriptionA dissertation submitted in partial fulfilment of the requirements for the degree of Master of Arts to the Faculty of Humanities, University of the Witwatersrand, 2023
dc.description.abstractLolu cwaningo “Ukuhlaziywa kwezinjongo ezahlukene zokwethiwa kwamagama ezingane eziphilayo nezaphuphuma esigodini sakwaNdelu, eMzumbe.” luhlose ukubheka izinjongo ezahlukene zokwethiwa kwamagama abantu kakhulukazi izingane ezaphuphuma ngoba akusiyona into ekujwayelwe ukukhulunywa ngayo esizweni samaZulu. Ukwethiwa kwabantu abaphilayo kanye nezinye izinto ezikhona phansi komthunzi welanga kusobala. Isizwe samaZulu sidume kakhulu njengesizwe esikholelwa kakhulu emasikweni njengoba bekholelwa ekutheni lezi zingane ezaphuphuma zisuke sezingamadlozi ngakho-ke kumele zethiwe amagama kulandelwe usiko njengalezi eziphilayo. Lolu cwaningo luzoveza iqhaza elibanjwa usiko ekwethiweni kwamagama ezingane esigodini sakwaNdelu, eMzumbe, luphinde luveze ukubaluleka kwezingane ezaphuphuma neziphilayo kulandelwa isiko. Lolu cwaningo luzohlomisa ngokubaluleka kokwethiwa kwamagama ukuthi kungabamba iqhaza elingakanani emphakathini kanye nasezweni lonkana, luzophinde luveze umsuka walawo magama kakhulukazi lawa aqukethe umlando. Lolu lwezinjongo ezahlukene zokwethiwa kwamagama ezingane eziphilayo nezphuphuma esigodini saKwaNdelu, EMzumbe luzophenya ukuthi ngabe amagama aqanjwe kanjani kusetshenziswa ulimi lwesiZulu esigodini sakwaNdelu, eMzumbe. Lolu cwaningo lungasiza ukuthi likhumbuze liphinde ligqugquzele amaZulu ukuthi kubaluleke kangakanani ukwetha izingane ngamagama aqukethe umlando nencazelo. Ucwaningo lusebenzise indlela yokuqoqa ulwazi eqonda imvelo ukuphila kwabantu emiphakathini eyahlukene, okuyindlela yekhwalithethivu, esetshenziswe ukuthungatha ulwazi nezimvo ezethulwa ngababambiqhaza mayelana nokwethiwa kwamagama abantu. Izinjulalwazi ye-Dynamic nenjulalwazi yeSocio-Onomastics, zisetshenziselwe ukuthungatha nokuhluza imibono eyahlukene equkethwe ngamagama acwaningiwe. Lolu cwaningo luzohlola imigudu elandelwayo yokwethiwa kwamagama ezingane ezaphuphuma. Ukwethiwa kwamagama alezi zingane ezingazange zilibone ilanga kubaluleka ngedlela efanayo yokwethiwa kwezingane eziphilayo ngokosiko lwamaZulu ngoba kunezinkolelo zoluthi ziphinde zibe amadlozi kubantu abaphilayo. Ucwaningo luzoveza imigudu elandelwayo yokwethiwa kwamagama ezingane ezaphuphuma kanye neziphilayo. Ezinye zezinhloso zalolu cwaningo ukuveza umthelela odalwa ukushintshashintsha kwesikhatho ekwethiweni kwamagama kanye nosikompilo olulandelwayo uma kwethiwa amagama esizweni esigodini sakwaNdelu, eMzumbe. Ukufundisa abantu ngokubaluleka kwezimpande zabo
dc.description.librarianPC(2023)
dc.facultyFaculty of Humanities
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10539/36930
dc.language.isoother
dc.schoolLiterature, Language and Media
dc.titleUkuhlazinywa kwezinjongo ezahlukene zokwethiwa kwamagama ezingane eziphilayo nezaphuphuma esigodini sakwaNdelu, Emzumbe
dc.typeDissertation

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Thumbnail Image
Name:
MADLALA NONTSIKELELO MASTERS UKUHLAZIYWA KWEZINJONGO EZAHLUKENE ZOKUQANJWA KWAMAGAMA EZINGANE EZIPHILAYO NEZAPHUPHUMA ESIGODINI SAKWA-NDELU EMZUMBE_ FINAL.pdf
Size:
1.42 MB
Format:
Adobe Portable Document Format

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
2.43 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description:

Collections