Browsing by Author "Moremi, Ignatius Mbongeni"
Now showing 1 - 1 of 1
Results Per Page
Sort Options
Item Izibongo zeSilo uGoodwill Zwelithini Zulu: Kuhlaziywa Amasu Ezinyosi uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe Okuveza Impilo Nomlando WeSilo(University of the Witwatersrand, Johannesburg, 2023-11) Moremi, Ignatius Mbongeni; Ntombela, Sipho AlbertNakuba ubukhosi bakwaZulu bugqame ngamaKhosi oSelwa amaningi aseke ahola isizwe samaZulu kodwa kubukeka kugqoza ukuhlaziywa kwezibongo zamanye amaKhosi oSelwa. Maningi amaKhosi oSelwa ezingakahlaziywa izibongo zawo. Ngaleyo ndlela kuningi okungavezwanga mayelana namanye amaKhosi oSelwa mayelana nezinselelo abhekana nazo nanokuthi azinqoba kanjani lezo zinselelo. Lolu cwaningo beluhlose ukuhlaziya ukuthi izinyosi ezimbili uNtulizempi Dlamini noBuzetsheni Mdletshe zisebenzisa maphi amasu ezibongweni zeSilo ukuveza umlando nempilo yeSilo. Kulolu cwaningo kusetshenziswe izinjulalwazi ezintathu - injulalwazi eyaziwa i-orality approach, i-interpretive approach kanye ne-stylistic approach, idatha yase ihlaziywa nge-Thematic Content Analysis. Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi izinyosi zisebenzisa isu lokuboleka ezibongweni zeNkosi uShaka ngenhloso yokuveza ukuthi indlela eya ebukhosini inezinselelo kangakanani, isu lokuxova izigameko ukuze umuntu olalele izibongo alalelisise, isu lokuphinda isigameko sokubalekela kwaMahlangu kweSilo uZwelithini ukugqamisa ubunzima esabhekana nabo, isu lokudalula izigameko kanye nabantu abathwesa iSilo ubunzima ngenhloso yokugqamisa isigameko esazwisa iSilo ubuhlungu, isu lokudalula amagama abantu abasiza iSilo ngenhloso yokuvezela isizwe ukuthi akuwona wonke amalunga aseNdlunkulu namalunga omphakathi ayephikisana nezinhloso zeSilo, isu lokuhlekisa ngabantu abathile ngenhloso yokwenza izigameko ezithile zingasuki kalula emiqondweni yabantu, isu lokusebenzisa umqondo osobalo ngenhloso yokungafihli izigameko ezithile, isu lokusebenisa umqondo ocashile ngenhloso yokufihla ezinye izigameko ezingafaka abanye abantu enkingeni, isu lokudalula isigameko sokubalekela kwaMahlangu kweSilo ukugqamisa ubuhlakani beSilo, isu lokudalula ukuthi iSilo sabhekana kanjani nabantu ababephikisana naso, isu lokusebenzisa umqondo ocashile ongajwayelekile ukuveza impumelelo yeSilo ekuholeni isizwe samaZulu kanye nesu lokungathekisa iSilo ngezilwane zasekhaya, izilwane zasendle nokunye.