Imibono emiswe ngokobulili etholakala ezincwadini zobuciko zabafundi besiZulu ulimi lwasekhaya ezikoleni zamabanga aphakeme.

dc.contributor.authorNgobese, Sibusiso
dc.date.accessioned2023-01-23T10:44:37Z
dc.date.available2023-01-23T10:44:37Z
dc.date.issued2022
dc.descriptionUmsebenzi owethulwa ngokufeza izidingo zeqhuzu le- “Master of Arts”, emnyangweni wezilimi zase-Afrika Enyuvesi yaseWitwatersrand
dc.description.abstractLolu cwaningo beluhlose ukuhlola ukuvezwa kanye nokusetshenziswa kwemibono emiswe ngokobulili etholakala ezincwadini zobuciko ezine zabafundi abenza isiZulu ulimi lwasekhaya emabangeni aphakeme. Luphinde lahlola ukuthi izincwadi zobuciko ezikhethiwe ziyaziphakamisa izimiso zomthethosisekelo wakuleli noma cha. Okokugcina, luhlole umthelela wokuvezwa nokusetshenziswa kwemiboni emiswe ngokobulili abalingiswa besifazane kubafundi bamantombazane. Umcwaningi ukholelwa embonweni wokuthi, imibono emiswe ngokobulili etholakala ezincwadini zobuciko iholela ekutheni kungabi khona ukulingana kuleli ngokobulili. Ukungalingani ngokobulili kuholela ekutheni izinga lodlame elibhekiswe kubantu besifazane libe phezulu. Ucwaningo lusebenzise indlela yokuqoqa ulwazi emayelana nokuqonda umsuka nezizathu eziyisisekelo zokuziphatha kwabantu ngendlela ethile emphakathini eyahlukahlukene, okuyindlela eyikhwalithethivu, esetshenziswe ukuthungatha imibono emiswe ngokobulili nezizathu zakhona ezincwadini zobuciko. Injulalwazi kaPharr (1988) yengcindezelo, isetshenziswe ukuthungatha nokuhlaziya ukuthi abalingiswa bavezwe kanjani ngokwemibono emiswe ngokobulili encwadini ngayinye nokuthi abalingiswa besifazane bayisebenzise kanjani. Imiphumela yocwaningo ikhombise ukuthi kuzo zonke izincwadi zobuciko ezicutshunguliwe, abalingiswa besilisa nabesifazane bavezwe ngendlela ehambiselana nemibono emiswe ngokobulili. Abalingiswa besilisa bavezwe bengcono futhi bephezulu ngokwezinga lempilo kunabalingiswa besifazane. Imiphumela yocwaningo ikhombise ukuthi isizinda sencwadi sinomthelelo ekusetshenzisweni kwemibono emiswe ngokobulili ngabalingiswa besifazane. Iphinde yakhombisa ukuthi umthelela wemibono emiswe ngokobulili mkhulu kubafundi bamantombazane ngoba izincwadi zobuciko ezicutshunguliwe aziyiphakamisi izimiso zomthethosisekelo waseNingizimu Afrika.
dc.description.librarianPC(2023)
dc.facultyFaculty of Humanities
dc.identifier.urihttps://hdl.handle.net/10539/34181
dc.language.iso(Other)
dc.titleImibono emiswe ngokobulili etholakala ezincwadini zobuciko zabafundi besiZulu ulimi lwasekhaya ezikoleni zamabanga aphakeme.
dc.typeDissertation

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Thumbnail Image
Name:
SIBUSISO NGOBESE MA 2022 (1).pdf
Size:
1.53 MB
Format:
Adobe Portable Document Format

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
2.43 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description:

Collections