Izinselelo ezibhekene nabesifazane empilweni yabo yangemihla ezincwandini ezine ezimidlalo: 'Isihlahla Sendlela', 'Icala Kaliboli', 'Kwaze Kwalikhuni' kanye nethi 'Wangibulala Baba': Kubhekwa ngenjululwazi yeFeminizimu
No Thumbnail Available
Date
2021
Authors
Mthethwa, Thandeka Angel
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
ISIFINGQO: Isahluko sokuqala isingeniso socwaningo ukuthi ngabe lolu cwaningo luzokhuluma ngani ukuze umfundi asheshe acaciseleke ngokushesha. Sibheka izinhlobo zemibhalo eziyimidlalo, ukwakheka kwazo kanye nokuhlukana kwazo. Kube intshisekelo yocwaningo lapho sinaba khona ngemvelaphi yocwaningo kanye nokuthi umabonakude unamthelela muni ekuphathweni kwabantu besifazane emiphakathini evuna abantu besilisa, sibe sibheka nenhloso. Kuso sona lesi sahluko sethula izindlela zokuqhuba ucwaningo, ireshinale, umbono ongakafakazelwa kanye nokubuyekezwa kwemibhalo. Isahluko sesibili sona siqukethe injululwazi lapho kugxilwe khona kuFeminizimu, Wumenizimu kanye ne-Afrikana Wumenizimu ichazwa izifundiswa ezahlukene eziqondene ngqo nala mathemu angenhla. Lesi sahluko sizochaza kabanzi siveze imibono ehlukahlukene mayelana neFeminizimu kanti neWumenizimi ne-Afrikana Wumenizimu kuyathinteka. Lesi sahluko sesithathu singenisa indaba ethi:‘Isihlahla Sendlela’ ebhalwe nguPuleng Frank Kekane eyashicilelwa ngonyaka wezi-2008. Kubhekwa indlela abalingiswa babantu besifazane abavezwe ngayo bese kubhekwa nangendlela yeFeminizimu neWumenizimu emva kokufinqwa komdlalo. Izobhekana ngqo nokwehluka ngokobulili, indlela yokuziphatha kwabesifazane, ukuvezwa kwabesifazane ngababhali besilisa kanye nokuhlukaniswa kwemisebenzi ngokobulili. Esesine sona isahluko sizogxila encwadini yesibili kwezine ethi:‘Icala Kaliboli’ ebhalwe nguVincent Mxolisi Mbhele eyashicilelwa ngonyaka wezi-2015 kuzobhekwa indlela abantu besifazane abavezwe ngayo ngokweFeminizimu. Siphinde sibheke indlela umphakathi kanye nomabonakude onomthelela ngayo ekuphathweni kwabantu besifazane encwadini nasemphakathini. Sizogxila kunkolo nendlela ecindezela ngayo abesifazane, imiphakathi evuna abesilisa, ubumama kanye nezindima nemisebenzi yabesifazane. Isahluko sesihlanu sona sizogxila encwadini eyabhalwa nguNakanjani G Sibiya ethi:‘Kwaze Kwalukhuni’ eyashicilelwa ngonyaka wezi-2004. Lapha kuzobhekwa amasiko amayelana nabantu besifazane ukuthi ingabe awabahlukumezi na. Kuzophinda kubhekwe ukuthi isiko, iziyalo, amalungelo, izisho kanye nezaga azinakuchema ngokobulili na. Isahlukosesithupha kuzobhekwa incwadi yesine ethi:‘Wangibulala Baba’ eyashicilelwa ngonyaka wezi-2004 ngu G.A Malindiza lapho kuzobhekwa ukuvezwa kwabantu besifazane encwadini kanye nokuthi kungani umuntu wesifazane engaphathwa ngokulinganayonomuntu wesilisa. Sibheke nokuthi kunamthelela muni ukuhluka kobulili ezintweni ezenzeka emiphakathini nakweminye imikhakha jikelele. Lesi sahluko sibhekana ngqo nezinhlobo zabesifazane eziveziwe, ukudayisa ngokocansi, kanye nokuhlukunyezwa kwamantombazane nabesifazane ngokocansi.Isahluko sesikhombisa siqoqa ucwaningo lonkana, sisonge siphindesincome okwenziwe ngaphezulu ezahlukweni. Lapha kusukwe sekuphethwa kuvezwa imibono ehlukahlukene mayelana nokungenziwa ukuze emiphakathini esiphila kuyo bangacwaswaabantu besifazane ngokobulili futhi kubhekwe amasiko asacindezela abantu besifazane
Description
A dissertation submitted in partial fulfilment of the requirements for the degree of Masters of Arts (African Languages and Linguistics) in the Faculty of Humanities, University of the Witwatersrand, 2021