Ucwaningo ngendlelakuqhutshwa kwemisebenzi yesiNtu ezindaweni ezisemadolobheni: ucwaningonto lwasemalokishini akhele iGoli
Date
2021
Authors
Madlala, Dumisa
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Imisebenzi yesiNtu imicimbi eyenziwa abantu base-Afrika ukugcina amasiko wabo ngokwenkolo yase-Afrika. Kule misebenzi yesiNtu kuyaphahlwa, kushiswe impepho, kukhulunywe nabantu abangasekho. Kuya ngokuthi lowo msebenzi wenziwa ngaphansi kwasiphi isimo. Kungaba ukubonga, ukushweleza noma ukudlulisa isicelo kulabo ababizwa ngamadlozi. Lapha kubhekwe imicimbi efana noMshado wesiNtu, Umemulo, Umngcwabo kanye nomsebenzi wokukhushulwa komuntu. Isizwe nesizwe senza lo msebenzi ngendlela yaso kuya ngokuthi umuntu owenza umsebenzi ongowasiphi isizwe. Ngalolu cwaningo kuhloswe ukuvuzewa koLwazi LweNdabuko oselufuna ukushabalala ngenxa yempucuzeko. Ucwaningo lubuza le mibuzo elandelayo: Ubani onelungelo lokungena emsamo noma lokuhlaba kanye nokwaba utshwala bendabuko emzini ongenalo ilungu lo mndeni elingenza lowo msebenzi? Lo msebenzi wokuhlabela amadlozi kanye nokwaba utshwala bendabuko kwenziwa kanjani? Kuba namuphi umthelela lokho emndenini owenzelwa umsebenzi wokuqhuba isiko lesiNtu umuntu ongelona ilungu lo mndeni? Lolu cwaningo lusingathelwe kwelinye lamalokishi amancane azungeze iGoli. Lapha kukhulunywa ngelokishi laseHeidelberg ogama lalo iRatanda. Le ndawo ikuNxantathu weGwa eMpumalanga Randi yeGoli. Izindawo zasemadolobheni zaziwa ngokuthi zinabantu abahlukene ngokwezizwe abangabokudabuka eNingizimu Afrika. Kule ndawo kutholakala isizwe samaZulu, amaXhosa, abeSuthu bese, kuba khona lelo dlanzana labantu besizwe samaNdebele, amaTsonga kanye nabantu besizwe samaSwati. Ngaphandle kokuthandabuza nje kungashiwo ukuthi asikho isizwe saboMdabu esingathi le ndawo eyaso, ngoba zonke izizwe zabantu boMdabu ezitholakala lapha zeza ngokuzosebenza. Lokhu kuzokhuthaza isiko lokuhlonipha okuyisiko lase-Afrika futhi kugqugquzele isizukulwane esisha ukuba sibambe iqhaza, kanye nomcwaningi ukuze bafunde ngezindlela zokuqhuba umsebenzi wamasiko eNdabuko ezindaweni zasemadolobheni.
Description
A research dissertation submitted in partial fulfilment of the requirements for the degree of Master of Arts to the Faculty of Humanities, School of Literature, Language and Media Studies, University of the Witwatersrand, 2021