Buthelezi, Xolani Norman2024-07-262024-07-262023-06Buthelezi, Xolani Norman. (2023). Igxathu Likamaskandi Ekulweni Nokucwaswa Kwabantu Abamnyama Ngaphambi Nangemuva Kwenkululeko Eningizimu Afrika: Umfaz’omnyama, Uphuzekhemisi Kanye Nezingane Zoma. [Master's dissertation, Univesristy of the Witwatersrand, Johannesburg]. WIReDSpace. https://hdl.handle.net/10539/39876https://hdl.handle.net/10539/39876A research report submitted in accordance with the requirements for the degree of Masters of African Languages and Linguistics in the subject African Languages at the Faculty of Humanities, School of Literature, Language and Media, at the University of the Witwatersrand, Johannesburg, in 2023.IQOQO Kuloku kucubungula kuvezwe lokho okutholakele nokumele ngabe kwenzeka ngesikhathi kwenziwa ukucubungula ngeqhaza lomaskandi ekulweni nokucwaswa kwabantu abamnyama ngaphambi nangemuva kwenkululeko eNingizimu Afrika. Kuyagqama ngaloku cubungula ukuthi bakhona ababhali okuthe ngesikhathi sobandlululo baqoka ukubhala izingoma ezikugxekayo okube yimiphumela nemithelela emibi yokunganyelwa ngenkani ngabamhlophe kwezwe laseNingizimu Afrika nezwekazi lonke lase-Afrika. Kucacile futhi ukuthi uMfaz’Omnyama, uPhuzekhemisi neZingane Zoma babhalile kakhulu bekhala ngayo le miphumela nemithelela yokucwaswa kwabantu abamnyama ngaphambi nangemuva kwenkululeko eNingizimu Afrika. Izingoma zabo ziyahlukaniseka ngokwezindikimba ababekhononda ngazo. Kukhona lezo ezikhononda ngokuthathwa kwezwe laseNingizimu Afrika ngenkani, ukuhamba kobaba emakhaya isikhathi eside abanye bangabe besabuya, ukungabi nabuntu kwabamhlophe nalabo asebengamele izwe okungosopolitiki, ukulahleka kwamasiko nenhlonipho kubantu ngenxa yemfundo yabamhlophe. Ayavela futhi namazinga okukhononda njengoba kuvelile ukuthi kukhona izingoma zabo ezivezayo nje kuphela ukuhlupheka kwabantu boMdabu nabesifazane, kube khona lezo ezigxeka osopolitiki ziphinde zihambisane nabo ngenxa yenkece namandla abanawo ekuthuthukiseni labo abangenalutho, bese kuba khona lezo ezishoshozela ukuba kwenziwe okuthile ukuze kuguqulwe isimo sempilo nenhlalo yabantu eNingizimu Afrika.other©2023 University of the Witwatersrand, Johannesburg. All rights reserved. The copyright in this work vests in the University of the Witwatersrand, Johannesburg. No part of this work may be reproduced or transmitted in any form or by any means, without the prior written permission of University of the Witwatersrand, Johannesburg.MaskandiuPhuzekhemisiuMfaz'omnyamaUCTDSDG-4: Quality educationIgxathu Likamaskandi Ekulweni Nokucwaswa Kwabantu Abamnyama Ngaphambi Nangemuva Kwenkululeko Eningizimu Afrika: Umfaz’omnyama, Uphuzekhemisi Kanye Nezingane ZomaDissertationUniversity of the Witwatersrand, Johannesburg