1 | P a g e University of the Witwatersrand Indlelakuphathwa kwabesifazane nephathriyakhi emshadweni: kubhekwa imibhalo ekhethiwe yesiZulu: Umshado, Ngiwafunge AmaBomvu, NguMbuthuma-ke Lowo. Nhlakanipho Langa Inombolo yomfundi: 704201 Masters of Arts by Research in (African Languages and Linguistics) Umeluleki: uDkt. E.B. Zungu 2 | P a g e ISIFUNGO Mina Nhlakanipho Langa (704201) ngiyafunga ngiyagomela ukuthi: Indlelakuphathwa kwabesifazane nephathriyakhi emshadweni: kubhekwa imibhalo ekhethiwe yesiZulu: Umshado, Ngiwafunge AmaBomvu, NguMbuthuma-ke Lowo. umsebenzi ocwaningwe yimina. Imithombo yolwazi okuthekelwe kuyo iveziwe ngokufanele. Lolu cwaningo lwethula konke okudingekayo ekuphothuleni iziqu ze-Masters of Arts in African languages and linguistics enyuvesi yaseWits eGoli. ------------------ 27 January 2022 N. Langa Usuku 3 | P a g e AMAZWI OKUBONGA Ngibonga uMdali wezinsuku zonke ukungigcina ngaso sonke isikhathi nasebunzimeni ngithi awabongwe Amandla kaMfihlakalo simukhonze njalo. Ngifisa ukudlulisa ukubonga kakhulu kuDokotela E.B. Zungu, ngiyabonga kakhulu ngokuba ngumeluleki wami oqotho. Ngiyabonga kakhulu iziyalo zakho nokunginika leli thuba elingandele muntu ukuba ingxenye yabafundi bakho, isandla sidlula ikhanda. Ngiphinde ngibonge umndeni wami ikakhulukazi umama ongizalayo umaJobe ukungiseka lapho nalapho ngisho kunzima kanjani ngiyabonga ukuthi benginike ithemba nentshisekelo yokuphokophela phambili noma ngabe impilo inzima kanjani. Ngibonga ithuba lokuthi ngibe yingxenye yabafundi basenyuvesi yase Wits okuyithuba elingandele bani ukuthi uyofunda enyuvesi uthekele ulwazi ikakhulukazi njengoba ngingowokuqala ekhaya ukuthola umatikuletsheni ngiphinde ngibe owokuqala ukuyofunda enyuvesi. Ngifisa iNkosi ingigcinele umndeni wami. Ngibonge nakubo bonke abantu abangisekile kunzima ikakhulukazi uNothando Magagula. 4 | P a g e OKUQUKETHWE ISIFUNGO……………………………………………………………………………2 AMAZWI OKUBONNGA…………………………………………………………..3 OKUQUKETHWE…………………………………………………………………..4 ISAHLUKO SOKUQALA 1. Isingeniso……………………………………………………………………………… 1.1 Isingeniso nesizinda socwaningo…………………………………………………..7 1.2 Umbono ongakafakazelwa…………………………………………………………9 1.3 Izinhloso zocwaningo……………………………………………………………..10 1.4 Imibuzo yocwaningo………………………………………………………………13 1.5 Lingachazwa ngokuthi liyini isiko…………………………………………………14 1.6 Umthelela wephathiyakhi, iyini iphathriyakhi?........................................................17 1.7 Uhlaka locwaningo………………………………………………………………....22 ISAHLUKO SESIBILI 2. Ukubuyekezwa Kwemibhalo…………………………………………………………… 2.1 Isingeniso…………………………………………………………………………….24 2.2 Imibono eyahlukene yababhali……………………………………………………….24 2.3 Ireshinali yocwaningo………………………………………………………………...46 2.4 Isiphetho………………………………………………………………………………49 ISAHLUKO SESITHATHU 5 | P a g e 3. Injulalwazi………………………………………………………………………………….. 3.1 Isingeniso………………………………………………………………………………51 3.2 Izincazelo nokuhlaziywa kwefeminizimu……………………………………………..51 3.3 Izindlela zokwenza ucwaningo………………………………………………………...64 3.4 Ipharadaymu…………………………………………………………………………...67 3.5 Isiphetho……………………………………………………………………………….68 ISAHLUKO SESINE 4. Isingeniso………………………………………………………………………………70 4.1 Amazwibela encwadi Umshado………………………………………………………70 4.2 Ukucutshungulwa kwencwadi Umshado……………………………………………..71 4.3 Ukucwasa okuhambisana nokuba ngumfelokazi nesiko lokungena……………….…72 4.4 Amazwibela encwadi Ngiwafunge AmaBomvu………………………………………85 4.5 Ukucutshungulwa kwencwadi Ngiwafunge AmaBomvu……………………… ……..96 4.6 Amazwibela endaba emfishane ethi NguMbuthuma-ke Lowo……………… …….…97 4.7 Ukucutshungulwa kwendaba emfishane NguMbuthuma-ke Lowo……………………99 4.8 Ukungalingani kwamalungelo Nempilo yesithembu emshadweni……………………99 4.9 Isiphetho………………………………………………………………………………111 ISAHLUKO SESIHLANU ISIPHETHO………………………………………………………………………… 5.1 Isiphetho socwaningo……………………………………………………………..113 5.2 Okuhloswe ucwaningo……………………………………………………………113 5.3 Okutholakele………………………………………………………………...……114 6 | P a g e 5.4 Izincomo neziphakamiso zocwaningo……………………………………………116 IMITHOMBO YOLWAZI………………………………………………………….118 7 | P a g e Isahluko Sokuqala 1. Isingeniso 1.1 Isingeniso nesizinda socwaningo Ngoko Limi lwesiZulu miningi imibhalo ebhalwe ngenhloso yokudlulisa umlayezo othize ngoLimi lwesiZulu nokuveza umuzwa othize ngesiko lakwaZulu lapho ababhali besuke bebhala ngenhloso yokuveza izimo abake babhekana nazo empilweni yabo noma abayibona zenzeka eduze kwabo nasemphakathini bese lokho bekuveza ngokubhala izincwadi ezithile ngesiZulu nangesikompilo lesiZulu. Ulimi esilukhulumayo luyakwazi ukuveza ukuthi siphila ngayiphi indlela futhi yini esikholelwa kuyo. Ngokwesiko lama Zulu kunendlela abafundiswa yona yokukhuluma nabantu abathize ngenhloso yokuveza amazinga noma ukungalingani ngokwamazinga lokho abakhula bazi kuyindlela yokukhuluma noma yokuhlonipha kepha akekho obebheka ukuthi lendlela yokukhuluma noma ulimi abalisebenzisayo lubacindezela kanjani abantu besifazane ngoba bona balindeleke ukuthi bekhulume ngendlela ethize futhi behlale behlonipha uma bekhuluma. Isibonelo nje ukuthi ngokwesiko lesi Zulu bakhula bazi ukuthi umuntu wesifazane akakhulumi nobabezala (father- in- law) futhi akamubheki umuntu wesilisa emehlweni uma ekhuluma naye, lokho kukodwa kucacisa ngokusobala ukuthi umuntu wesifazane ubecindezelekile ngezikhathi zasemandulo, nesisakubona kulesi sikhathi okuphilwa kuso manje noma selukhona ushintsho olukhona. Futhi uma ekhuluma nomuntu wesilisa emubheka emehlweni bekuthiwa akahloniphi futhi uthanda amadoda. Amasiko adlala indima enkulu ekucindezeleni abantu besifazane nokuphakamisa isizwe esingalingani ngokobulili nangokwamalungelo ngenxa yokukholelwa kakhulu kumasiko nakuphathriyakhi emshadweni. Isizwe sakwaZulu siyizwe esinamasiko amaningi ahlukahlukene abakholelwa kuwo nokungamasiko abakhule okhokho nokhokhokazi bekhule bekholelwa kuwo esikhathini sasemandulo. Ikhona imiphakathi nemindeni esakholelwa kulamasiko noma sekuphilwa esikhathini senkululeko nesamalungelo abantu. Yize noma sekunoshintsho olukhona emasikweni akwaZulu kodwa eminye imindeni isakholelwa emasikweni asemandulo, njengokuthi nje eminye imindeni isakholelwa ekutheni umuntu wesilisa uyena oyinhloko yekhaya kanti umuntu wesimame yena kumele ebengaphansi kwesandla somyeni wakhe noma ebengumuntu ohloniphayo ongakwazi ukushaya umthetho 8 | P a g e ngempilo yakhe ngoba kwaziwa ukuthi ngokwesiko lesiZulu indoda iyona ephatha umuzi noma eshaya umthetho. “Ukuthobela umthetho kuyingxenye yesiko enkulu nebalulekile kubantu abangamaZulu kanti futhi lokhu kususelwa ebuncaneni bomuntu ukuthi ufundiswe ukuthobela umthetho nokuziphatha ikakhulu kwabesifazane.” („Zungu noSiwela‟, 2017:79). Abanye abantu besifazane ngisho beganile kulemizi abasuke begane kuyo basuke beganiswe ngenkani noma basuke bephoqiwe ukuthi begane lapho abangafuni khona ngenxa yenkolelo yamanye yamasiko esintu, isiko lokuthwala (forced marriage). Akubhekwa nokuthi loyomuntu wesifazane uneminyaka emingaki ngisho eniminyaka engakalingani ukuba engayogana noma eyohlala nomuntu wesilisa lokho okugcina sekuholela ekutheni abantu besifazane begcine bengakwazi ukufeza amaphupho abo. Ngisho loyomuntu owayekade ethathe intombazane eseshonile, ngokwesiko lesiZulu lokungena umakoti kamufi umuntu wesifazane ugcine esephoqwa ukuthi ehlale engabuyeli kubo ehlale nomfowabo wesoka lakhe elingasekho ngoba kwaziwa ukuthi ulotsholiwe usuke usuyingxenye yaloyo mndeni. Omunye wababhali uZungu noSiwela (2017:77) uyakufakazela ukuthi abantu besifazane bacindezelwe isiko, uthi: “…indlela abantu besifazane abaphathwa ngayo esizweni samaZulu kunegebe elikhulu kakhulu endleleni yokuphathwa kwabesilisa nabesifazane. Amasiko alandelwayo abukeka ebacindezela abasifazane abathatha njengabantu ababuthaka, okumele bethathelwe izinqumo baphinde batshelwe ukuthi benzeni nini. Eyabafelokazi yona inzima ngokuphindiwe ngoba okwabo kungagcina kubehlisela nesithunzi emphakathini abayakhele, ngendlela abaphathwa ngayo efukanyelwe- isiko” („Zungu noSiwela‟, 2017:77). Kunenkolelo kakhulukazi emiphakathini yase-Afrika nakumasiko ase-Afrika ukuthi umuntu wesifazane kumele eziphathe ngendlela ethize kusukela ekukhuleni kwakhe eze ebemdala ngenhloso yokuthi kumele efunde inhlonipho ukuze efike emshadweni esazi ukuthi umuntu wesimame uziphatha kanjani. Esikhathini sakudala abantu besifazane bebaziwa njengabantu okumele bevuse imizi benakekele izingane futhi behlale ekhaya begane bengayi ukuyosebenza, leyo indlela esikhule ngayo okuyinto kweminye imindeni besakholelwa kuyo noma ngabe sekuphilwa esikhathini sentando yeningi. Lokho kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu besifazane ngesikhathi sakuqala bebecindezelekile futhi bebenganawo 9 | P a g e amalungelo alinganayo nawabantu besilisa njengoba kubonakala esikhathini esiphila kuso manje lapho abantu besifazane sebenamalungelo alinganayo nabantu besilisa okuyinto obungeke uyibone emandulo noma eyayingekho esikhathini sakuqala kepha ngoba sesiphila esikhathini lapho izinto zishintsha khona futhi sibukela nakwezinye izizwe. NgokukaZungu (2017:75) uthi: “Uguquko-empilweni yabantu luyinto ehlezi ilindelekile kodwa kuyaye kube yinto engavami ukuthi yejwayeleke kalula ngoba abantu basuke sebeze bajwayela lokhu abasuke bekade baqala ukukulandela. Ngenxa yokuphila emhlabeni onokuxhumana nabamazwe abanye abantu abangamaZulu sebebuka izinto ngendlela esezingeni lomhlaba” Ucwaningo luzobheka indlela abantu besifazane bevezwe ngayo ezincwadini zesiZulu, noLimi olusetshenzisiwe nezindima ezinikiwe abalingisi ngokobulili kulezincwadi ezikhethiwe zesiZulu. Indlela esibuka ngayo abantu besifazane nomthelela wesiko lesi Zulu ekunikeni abantu besilisa amandla ngaphezu kwabantu besifazane nokuphakamisa ukungalingani ngokobulili lapho abantu besifazane belindeleke ukuba bebe abantu abahlala ekhaya benze umsebenzi wasekhaya futhi benakekele ikhaya behlale behlonipha, bebengavumelekile ukuba behambe beyofunda noma beyosebenza ngoba sikholelwa ukuthi lawomathuba ngamathuba afanele abantu besilisa kuphela („Zuma‟, 2009). Sekuphilwa esikhathini senkululeko nesikahulumeni wentando yeningi namalungelo abantu, selukhona ushintsho kakhulukazi ngoba nabantu besifazane sebenamalungelo alinganyo nabantu besisilisa noma kweminye imiphakathi noma imindeni besakholelwa kumasiko asemandulo. Ukushintsha kwesikhathi esiphila kuso kuyimbangela yokubona sekunoshintsho emasikweni akwaZulu. Ukuguquka kwesikhathi esiphila kuso nalapho sesifunda khona ezinye zezinto zemfundo yaphesheya lokho kuyenza ukuba abantu isiko belibone ngezindlela ezihlukene ingakho sesithola kunenxenye yabantu abakholelwa kufeminizimu (feminism) sekujwayelekile ukubona abantu besifazane abazimele noma abasezikhundleni okukanye abafundile abaphikisayo ukuthi umuntu wesilisa uyena onamandla. Angisho ukuthi ukushintsha kwesiko kuyinto elungile noma cha, ngoba abantu abaningi ngenxa yesikhathi esesiphila kuso isiko balibona ngenye indlela kuyangokuhti umuntu yena ukholelwa kuphi. Isiko liyimvelaphi yomuntu ngoba liyakwazi ukuveza ukuthi umuntu unguhlobo olunjani lomuntu futhi ukholelwa kuphi nokuthi yena ufundiswe kuphi ngoba imindeni nemiphakathi inezinkolelo ezahlukahlukene nezimfundiso ezingafani („Gumede‟,2018). 10 | P a g e 1.2 Umbono ongakafakazelwa Kungaba ukuthi abantu besifazane bazizwa becindezelekile noma behlukumezekile ngenxa yesikompilo noma yamasiko ase-Afrika ikakhulukazi amasiko esizwe sama Zulu alandelayo; isiko lokuthwala izintombi, isiko lokungena, isiko lokuzila kanye nesiko lokugana noma ukushada. Ngoba lokhu kubenza bengakwazi ukuzizwa bephephile futhi bezizwa bengeyilutho emiphakathini noma emindenini ngenxa yenkolelo yokuthi umuntu wesifazane kumele evumele yonke into noma ngabe akayithandi leyonto ngenxa yenkolelo yokuthi umuntu wesifazane uyohlale engaphansi kwendoda. Abantu besifazane bengazizwa njengabantu amalungelo abo acindezelekile ngoba esikahthini esiningi emiphakathini yakwaZulu umuntu kumele ethobele umthetho noma ngabe akahambisani nawo ngoba kwaziwa ukuthi indoda enamandla kunomuntu wesifazane. Abantu abaningi besifazane esikhathini samanje bayahluleka ukuzibamba ukuveza ukuthi lamasiko aphoqa abantu besimame ukuthi bephile ngendlela ethize nokuthi abahambisani nawo lamasiko ngenxa yokusaba nokuhlonipha indlela abakhuliswe ngayo. Kungabakhona ukuthi abanye babo babezama ukuphikisa lendlela yokuphila emandulo kodwa indaba yabo yayingashaywa ndiva ngoba nje kwaziwa ukuthi umuntu wesifazane akayilutho ngaphandle kokunakekela umuzi ezale izingane. Kepha sekuncono ngoba sesiphila esikhathini samalungelo nentando yeningi sebekhona abangama feministi nakuba isekhona imiphakathi esabhekene nobunzima bokucindezelwa ngamasiko esintu. Yingakho imibhalo idlala indima enkulu ekwakheni imiphakathi kanye nasekuguquleni indlela abantu abacabanga ngayo. Okuphawulekayo noma okusobala ngemibhalo okungaba amanoveli, imidlalo, izindaba ezimfushane kanye nezinkondlo ukuthi iveza imizwa kanye nemicabango yombhali osuke ebhala lowo mbhalo. Yize imibhalo esikhathini esiningi yethula amaqiniso ngezimpilo zabantu, kukhona lapho okubonakala ukuthi kunehaba nokuchema okuthile okuvela uma sibona indlela abalingiswa besifazane noma abesilisa abavezwa ngayo ngababhali abahlukene. Indlela ababhala ngayo ababhali iyahlukana impela, umbhali wesilisa ubhala ngendlela ehlukile kunalowo wesifazane. 1.3 Izinhloso zocwaningo Lolu cwaningo lubheka imibhalo yamanoveli (Umshado, Ngiwafunge AmaBomvu) nendaba emfishane yesiZulu (Ngumbuthuma-ke Lowo) ezinabalingiswa babantu besifazane bese kubhekwa indlela abavezwe ngayo. Ucwaningo luphinde lucubungule luqhathanise indlela abantu besifazane bevezwe ngayo emibhalweni yesiZulu, izinkinga ababhekana nazo 11 | P a g e emishadweni nomthelela wamasiko nephathriyakhi empilweni yabantu besifazane nendlela abaphathwa ngayo emiphakathini nasemzini lapho beshadele khona. Ucwaningo luzobheka imisebenzi yababhali nezifundiswa ukuthi ngabe bayibona kanjani lendlela abantu besifazane bephethwe ngayo, ucwaningo luzophinde lubheke nomlando weFeminizimu neWumenizimu lapho abantu besifazane baqala khona bathatha isinyathelo sokulwela amalungelo abo nendlela yokuphathwa kwabo ngokulinganayo nabantu besilisa (gender equality) nokulwa nokuphumelela noma ukuphakanyiswa kwabantu besifazane. Ukushintsha kwesiko kungaba into embi noma enhle emiphakathini nasemindenini ngoba ukushintsha kwesiko kungasiza ekutheni abantu befunde ukuphilisana ngokulingana futhi bengacwasani ngokobulili nangokwezinhlanga bekwazi ukuthi befunde ukuphilisana nezinye izizwe. Nakuba imfundo nolwazi olutholakala ngaphandle kwezinye izizwe nasemfundweni yase Ntshonalanga kungenza kugcine sekushayisana nokuphambana nesiko lakwaZulu nesikompilo Labantu abamnyama ngoba imfundiso yaseNtshonalanga ingenza abanye bethu begcina sebelahlekelwa ububona nemvelaphi yabo. Ukushinstsha kwesiko akuyona into engenzeka ngokuphazima kweso kepha kuthatha isikhathi ukuthi umphakathi noma abantu beguquke ngokuphelele ngenxa yokuthi abanye kubathatha isikhathi ukuthi bejwayele ushintsho nokumukela ukuthi sesiphila esikhathini samanje nesenkululeko lapho khona wonke umuntu enamalungelo ngempilo yakhe ikakhulukazi abantu besifazane ebebekade becindezelekile esikhathini sakudala lapho ebengavumelekile ukwenza izinto eziningi ngempilo zabo ngoba kwaziwa ukuthi abantu abanamandla namalungelo abesilisa. “Strange custom like wearing short dress tight clothes have been temptation to men towards a cause of commuting of fence like rape. Wearing of short dress, miniskirt and using cosmetics were copied from abroad” („Langa‟, 2012:78). “Isiko eliyinqaba njengokugqoka izingubo ezimfishane ezigqokile kube yisilingo emadodeni asenkingeni yokuhamba kocingo njengokudlwengula. Ukugqokwa kwengubo emfushane, ingubo encane kanye nezimonyo kwakopishwa kusuka phesheya.” („Langa‟, 2012:.78). Ucwaningo luzobheka ngokujulile indlela abantu besifazane bephiliswa ngayo emphakathini nasemndenini esikhathini sasemandulo nasesikhathini okuphilwa kuso manje (modern life) indlela abantu besilisa bebabuka ngayo nangendlela emiphakathini abantu besifazane bebukwa ngayo. Njengoba sazi ukuthi kunezinto ezaziwa njengokuthi abantu besifazane abavumelekile ukuba bazenze kodwa abantu besilisa bona banegunya lokwenza noma yini 12 | P a g e ngoba kwaziwa ukuthi yibo abanamandla (Superior than women). uGumede (2018) usho kanjena mayelana nokuthi abantu besilisa bebuke abantu besifazane njengezinto ezingeyilutho: “Thus humanity is male and man defines woman not in herself but as relative to him. She is not regarded as an autonomous being. She is defined and differentiated with reference to men and not he with reference to her; she is the subject; he is the absolute – she is the other, the object”(„Gumede‟, 2018:26). “Ngakho-ke ubuntu bungobesilisa futh indoda ichaza owesifazane hhayi kuye kepha njengesihlobo sakhe. Akathathwa njengesidalwa esizimele. Uyachazwa futhi ahlukaniswe ngokubhekisele emadodeni hhayi yena ngokubhekisele kuye; uyinto nje, futhi ungomunye nje umuntu, into engeyilutho”(„Gumede‟, 2018:26). Lolu cwaningo luzodingida kabanzi izinto eziholela noma eziyimbangela ekutheni abantu besifazane bezithole sebecindezelekile ukunabantu besilisa emndenini nase mphakathini abaphila kuyo ikakhulukazi esizweni samaZulu. Okunye lolu cwaningo elizogxila kukho lizobheka indlela amasiko nemibhalo yesiZulu amanoveli, izisho nezaga okunomthelela ngakhona ezimpilweni zabantu besifazane (imbokodo). Indaba emfishane NguMbuthuma- ke Lowo namanoveli afana nalawa alandelayo; Umshado, Ngiwafunge amabomvu, nezaga nezisho zizocutshungulwa kabanzi ukubheka indlela eziveza ngayo abantu besifazane nolimi olusetshenzisiwe nokuthi futhi abantu besifazane balindeleke ukuba bephile ngendlela ethize ukuze begcine bethole umendo ngoba ngesiko lesiZulu umuntu wesifazane kubalulekile ukuthi ethole umendo. Lolu cwaningo luzophinde lubheke imibhalo yakuqala nemibhalo yamanje bese ibheka ukuba ngabe ukhona yini umehluko indlela abantu besifazane bevezwe ngayo emibhalweni nasemidlalweni yakumabonakude. Lolu cwaningo luhlose ukuveza noma ukuba luveze umphumela wokucindezelwa kwabantu besifazane bese luqhathanisa indlela abantu besifazane bebephethwe ngayo esikhathini sasemandulo nendlela abaphethwe ngayo esikhathini esiphila kuso manje. Ucwaningo luzobheka izisombululo ezingaba khona ukulwa nokulingana ngokobulili ngokubheka imibono eyahlukahlukene ngeFeminizimu. Ucwaningo luhlose ukuphenya ukuba ngabe zikhona yini izinguquko ezikhona empilweni yabantu besifazane bamaZulu abaganile noma abangomakoti. Noma namanje uma uganile basaqhubeka nokuthi kumele uhloniphe futhi wenze yonke into eshiwo ngumyeni wakho. Ucwaningo luphinde lubheke izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane phecelezi 13 | P a g e (Feminism neWomenism) engicabanga ukuthi zikulungele ukusiza ekutheni ngibheke ukuba iziphi izinto ezingenziwa ukulwa nokucindezelwa kwabantu besifazane, noma singangayibona manje imiphumela kodwa kumele izizukulwane ezizayo ziwubone umphumela nokubaluleka kokulingana kwamalungelo nokuthuthukisa abantu besifazane (Women Development and Survival). („Ogundipe-Leslie‟, 1994). Ucwaningo luzobheka ngokwezinhlangano ezihlukahlukene ezilwisana nokungalingani kwamalungelo abantu besifazane nabesilisa (Commission on Gender Equality) nezilwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane (People opposing Women Abuse-POWA). Lolu cwaningo luzophenya ukuba imikhuba eyenzeka ngokobulili emindenini yamazulu iyabacindezela na abasefazane noma mhlambe imbangela yalokho isiko lamazulu. Owaye ngusihlalo wekhomishini yokulingana ngokobulili kwelakithi eningizimu Afrika (Beatrice Ngcobo) uyasho ukuthi: “We have women in Parliament and we have good laws to protect women, but they have not been properly publicized. When it comes to implementation, people at the frontline are mostly men. They won‟t give up power so easily” („Ngcobo‟, 2018:79). “Sina besifazane ePhalamende futhi sinemithetho emihle yokuvikela abantu besifazane, kepha ayizange ivezwe kahle. Uma kukhulunywa ngokufaka unthetho, abantu abaphambili bangamadoda kakhulu. Ngeke bededele amandla kalula kanjalo” („Ngcobo‟, 2018:79). Lolu cwaningo lwenziwe lususelwa ekutheni abantu besifazane abangomakoti bacindezelwe isiko lamazulu, kodwa bafela ngaphakathi abanye abazi nokwazi ukuthi bahlukumezekile ngenxa yokuthi eminye imiphakathi isaphila ngendlela yasemandulo ngoba bazi ukuthi kumele behloniphe amadoda abo futhi bazi ukuthi kumele behloniphe amasiko ngoba uma bengawahloniphi bazophelelwa isithunzi futhi bedume njengabantu abangahloniphi. 1.4 Imibuzo yocwaningo. Umbuzongqangi Kungabe yini edala ukuthi abantu besifazane kube namasiko abacindezelayo, nokungalingani kobulili okudalwa iphathriyakhi emshadweni? Imibuzo esekelayo 14 | P a g e Ngabe abantu besilisa bazimisele yini ukuthi amandla abo bewadlulisele kubantu besifazane bevume ukuba belingane ngokwamalungelo? Ngabe ingani amasiko amaZulu afana nokuthwala nokuzila kanye namanye ecindezela abantu besifazane? Ucwaningo luzophinde lubheke ukuba ngabe ukungavunyelwa kwabantu abangomakoti ukuthi behambe noma ikuphi emagcekeni alapho ashadele khona ngabe kudalwa indlela abantu besilisa ababuka ngayo imizimba yabantu besifazane? Ucwaningo luzobheka ukuba amadoda amaZulu ngabe azimisele na ukuba amandla abo babelane namakhosikazi abo, ngabe bazimisile ukulwisana nokungalingali ngokobulili nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane? Ucwaningo luphinde lubheke ukuthi ngabe omakoti banawo yini amandla athize ngokuthathwa kwezinqumo ezintweni ezifana nesithembu noma ukukhuluma namadlozi. Luphinde lubheke umthelela wephathriyakhi emphakathini yesizwe samaZulu kanye nesiko? 1.5 Lingachazwa ngokuthi liyini isiko? Incazelo yesiko ayikho eqondile ngqo ukuthi ngabe liyini isiko ngenxa yokuthi abanye bethu baphambanisa isiko nenkolo. Abantu abaningi bathatha inkolo bayenze isiko bese begxeka abangalandeli leyonkolo njengabantu abangalandeli amasiko. Isiko indlela yokuphila okwakuphilwa ngayo emandulo lapho okhokho nokhokhokazi bebephila ngendlela ethile belandela isikompilo elithize okuyisiko elize lawela ngisho ezizukulwaneni nakuba sekukhona abanye bethu abakholelwa ezinkolweni ezithize ezazingekho ngesikhathi sokhokho. Isiko yinto elandelwa umphakathi waleyondawo, noma isigodi okukanye ilesosizwe njenge-sizwe samazulu bakholelwa kumasiko amaningi ahlukene ayekhona ngesikhathi sasemandulo yize noma sekukhona ushitsho olukhona ngenxa yesikhathi esesiphila kuso. Isiko indlela yokuphila nesikhule kuphilwa ngayo isizwe nesizwe sinamasiko esikholelwa kuwo, futhi liyindlela yempilo yesizwe esithile lapho khona lesosizwe sisuke sivumelene ngayo ukuthi sizophila ngalendlela izizukulwane ngezizukulwane. Isiko lingamagugu aleso naleso isizwe (usikompilo). UMathonsi (2002) yena uthi: “Culture is the way of life and a backbone that contains history of any nation. The Zulu nation believes that the ancestors are a bridge to the almighty God called uMvelingqangi”(„Mathonsi‟, 2002:5-6). 15 | P a g e “Isiko indlela yempilo futhi luwumgogodla okuwona ophethe umlando wazozonke izizwe. Isizwe samaZulu sikholelwa ekutheni amadlozi ayindlela yokuxhumana nomnini mandla wonke uNkulunkulu obizwa ngoMvelingqangi” („Mathonsi‟, 2002:5- 6). Isiko, liyigama impela elaziwayo emiphakathini kepha indlela yokulichaza ukuthi liyini isiko lithi mayibe indida kwabanye abantu. Empeleni isiko lingasentshenziswa ukukhuthaza indlela enhle yokwenza izinto noma indlela yokuziphatha. Inhloso yesiko kungaba wukuhlanganisa leso sizwe noma ukusehlukanisa nezinye izizwe noma izibongo. Injongo yalelo nalelo siko kungaba ukuthi lihlose ukugwema imiphumela ethile isizwe leso esibona ukuthi ingaba nobungozi ekushabalaliseni leso sizwe. Kanti uZungu (2017) uthi: “eqinisweni isiko liyigugu kuleso naleso sizwe kungaba esincane noma esikhulu kangakanani, yilo futhi isiko elihlanganisa impilo yabantu. Isiko singathi ileyo nqubo abantu besizwe ngasinye abaphila ngayo, nabalawula ngayo impilo yabo ngendlela abaphila ngayo” („Zungu‟, 2017:76). Okucacisa ngokusobala ukuthi isiko liyilokho esiphila kukho ngaphandle kokuthi sicabange ngakho futhi liyimvelaphi yethu liphinde lisikhumbuze ubuthina nokuthi singobani. Isiko lingehluka ngokwezigaba zeminyaka noma ngokwezinhlanga zabantu (tribes), njalo njalo. “Culture is an embodiment of tradition, beliefs, rites and rituals, customs, and a generally expected and acceptable way of doing things. The Zulu culture is no exception. In the Zulu culture when things are done in a culturally acceptable way, blessings are expected to be showered from the Supernatural Being. On the negative side, if anything is done in a culturally unacceptable way, misfortunes are visited upon particular individuals, family groups and the nations at large.” („Langa‟, 2012:4) “Isiko liyisibonelo samasiko, izinkolelo, imikhuba namasiko, nesintu, kanye nendlela elindelekile neyamukelekayo yokwenza izinto. Isiko lamaZulu alinjalo. Ngokwesiko lamaZulu uma izinto zenziwa ngendlela eyamukelekile ngokwesiko, izibusiso kulindeleke ukuthi zehle ngamandla ngokomdalo. Ngasohlangothini olubi, uma kukhona okwenziwa ngendlela engamukeleki ngokwamasiko, amashwa avakashela abantu abathile, amaqembu emindeni kanye nezizwe ngokubanzi.” („Langa‟, 2012:4). 16 | P a g e Isiko ngingasho nje ukuthi umkhuba owenziwa iqoqo labantu abahlala ndawonye okudluliselwa esizukulwaneni nase zizukulwaneni, noma singathi “umkhuba waseMandulo owawenziwa abantu besintu ukuhambisana nendlela yempilo ababebhekene nayo ngaleso sikhathi ababephila kuso” („Msimang‟, 1975:12). Ngokwesiko lesiZulu umntwana ozelwe uyisibusiso esivela kwabalele okungamadlozi nakuMvelinqangi kungakho kumele enzelwe isiphandla noma imbeleko ukuze abikwe kuwona amadlozi okunenkolelo yokuthi asondelene noNkulunkulu. Isiphandla sitshengisa isiko lokumamukela kanti inyongo achelwa ngayo iwuphawu lokumxhumanisa namadlozi omndeni ukuze aziwe futhi avikeleke. Lomsebenzi wenziwa kubo kwengane (kubokababa) kodwa kuyenzeka kuhluke ukwenza ngezibongo, abanye bathi ingane yokuqala yenzelwa kubo kwayo nasekhaya konina. („Makhanya‟, 2012) Ucwaningo luzo cubungula amasiko esiZulu ahlukahlukene bese lubheka umthelela amasiko anawo esizweni sakwaZulu nendlela lamasiko anomthelela ngayo ekucindezeleni abantu besifazane nokungalingani kwamalungelo abantu besilisa nabesifazane nendlela abavezwe ngayo emibhalweni yesiZulu. UMdletshe (2011) ucwaninge ngokuvezwa kwabalingiswa besifazane ngababhali besilisa nabesifazane. Lapha uMdletshe ubheka ubuqiniso bezinto ababhali besilisa abaziveza ngabalingiswa besifazane, aphinde abheke nobuvezwa ngababhali besifazane. Uthi ababhali besilisa kufanele benze ucwaningo olunzulu ngaphambi kokuba babhale ngabalingiswa besifazane ukuze baveze izinto ezingamaqiniso ngabo. Uqhuba athi akufanele babaveze bengabantu abangenzi kahle ngaso sonke isikhathi. Nakuba uMdletshe kwezinye izindawo ephawula ngezinto ezibahlukumezayo abantu besifazane, ucwaningo lwakhe alugxilile ekuhlukunyezweni kwabo. Kanti lolu cwaningo lona luzogxila ekuhlukumezekeni kwabantu besifazane nezingane nokucindezeleka kwabo njengoba kuyibona abavame ukuba ngabagilwayo, abenzwakaliswayo noma abayizisulu zezinye zezinto esithi isikompilo. Isiko liyaguquguquka, alimi ndawonye, kodwa amadoda asemiphakathini yephathriyakhi ayaqiniseka noma akholelwa ukuthi isiko alishintshi lapho izikhathi zishintsha; esikhundleni salokho, babambelela ezindleleni zakudala zalokho okushiwo ukuba yindoda, ukuze bavikele ubudoda babo. Omunye engasho ukuthi amadoda asebenzisa isiko njengendlela yokuchasha ngoba befuna ukuqhubeka becindezele abantu besifazane („Hadebe‟, 2010). Amadoda anjalo iwona lawa ahluleka ukuzibandakanya ezindabeni zokulwa nokulingana ngokobulili ngenxa yenkolelo yawo yokuthi abesifazane baphansi nokuthi ubukhulu bamadoda bamiswa nguNkulunkulu ngakho-ke akumele baphonselwe inselelo. Kukholakala ukuthi izinkolelo zezobulili ziqala ukuvela lapho izingane zisencane. Izingane ziqala ukukhombisa 17 | P a g e izintshisekelo ezijwayelekile zobulili nokuziphatha zisencane. Izikole zezingane (creche) ngaphambi kokuthi zize ziye esikoleni, zihlobanisa amathoyizi, izingubo, izinto zasendlini, imisebenzi, nemibala ngobulili obubodwa noma obunye, obukhombisa nokuziphatha kwabo, izintandokazi zabo kanye nezimpawu zobuntu babo. Kusobala ukuthi amasiko kanye nokuhlalisana kwabantu nakho kudlala indima enkulu ekubumbeni izinkolelo zezobulili ngenxa yengcindezi ephakathi kwabesilisa nabesifazane ukuba baziphathe ngendlela okukholakala ukuthi ifanele ubulili babo ingakho sibona loluqhekeko. 1.6 Umthelela wephathriyakhi, iyini iphathriyakhi? Kubalulekile ukuphenya noma ukucwaninga indawo yabantu besifazane noma indima yabantu besifazane emiphakathini eyahlukene ukuze sikhone ukuyiqhathanisa nendima noma indawo yabantu besifazane emiphakathini yesizwe samaZulu namasiko esiZulu. Ukuba ngaphansi ngokwamandla kwabantu besifazane akukona ukuthi kudalwa indlela abakheke ngayo noma indlela ababukeka ngayo kepha kuyinto nje esukela emphakathini nasemindenini indlela ababuka ngayo abantu besifazane, ngingasho ngithi kuyinto eyenziwa ngabantu ukuthi bantu besifazane bebonakale njengabantu abangeyilutho futhi abaphansi ngokwezinga ukunabantu besilisa ngenxa yenkolelo yokuthi umuntu wesilisa unamandla ukunomuntu wesifazane. UZungu uthi: “Emiphakathini eminingi kusacaca ukuthi iphathriyakhi iyona esabusa abantu abaningi njengalokhu behlezi begqamisa ukuthi umuntu wesifazane ungaphansi kwendoda ngakho-ke kufanele athobele aphinde ahloniphe indoda. Ifeminizimu ilwela khona lokhu ngokuthi ithi abesifazane nabo bayafana nabesilisa futi bafanele ukuthola amathuba nokuphathwa ngokulinganayo nalaba besilisa” („Zungu‟, 2017:80). Imindeni nemiphakathi esakholelwa kuphathriyakhi idala uqhekeko ikakhulukazi phakathi kwabantu besilisa nabantu besifazane. Imindeni nemiphakathi okukhulwa kuyo loluqhekeko lukhona ngenxa yokuthi uma sikhula, sikhula sikholelwa emasikweni athize okwamasiko engingathi achemile ngoba ayabacindezela abesifazane. Kusukela nikhula eminye imindeni iyakuqinisekisa ukuthi abantu besilisa nabesifazane abafani futhi banezindima ezahlukene noma izikhundla ezahlukene futhi ezingalingani ngoba okuningi kwaziwa ukuthi umuntu wesilisa unamandla ukunomuntu wesifazane. Isibonelo nje thina sisakhula sikhule sazi ukuthi yonke imisebenzi yasekhishini imisebenzi yabantu besifazane futhi kunezindawo ezikhethiwe lapho khona abantu besifazane bengangeni khona nezinye izinto abangavunyelwe ukuthi 18 | P a g e bezenze okwaziwa ukuthi abantu besilisa kuphela abanegunya ukuthi bezenze ngisho ukusebenza nokufunda bekwaziwa ukuthi umuntu wesifazane kumele ehlale ekhaya(dominant and subordinate roles). uSultana (2013) uphawula ukuthi: “Patriarchy is the prime obstacle to women‟s advancement and development. Despite differences in levels of domination, the broad principles remain the same, i.e. men are in control. The nature of this control may differ, so it is necessary to understand the system, which keep women dominated and subordinate, and to unravel its workings in order to work for women‟s development in a systematic way…Patriarchal society gives absolute priority to men and to some extent limits women‟s human rights also” („Sultana‟, 2013:01). “Iphathriyakhi iyisithiyo esikhulu senqubekela phambili nentuthuko yabesifazane. Yize kunomehluko Phakathi kwamazinga okucindezelwa kodwa imigomongangi iyafana, okungukuthi amadoda yiwo alawulayo. Ubunjalo balolu lawulo bungehluka. Ngakho-ke kubalukekile ukuqonda uhlelokusebenza okuyilo olugcina abasifazane becindezelekile fuhti bengaphansi kwabesilisa” („Sultana‟, 2013:01). Amasiko amaningi kakhulukazi emiphakathini yakwaZulu anomthelela kakhulu ekutheni bezithole besaphila esikhathini lapho abantu besifazane bengaphansi kwabantu besilisa nakuba selukhona ushintsho olukhona ingakho sekukhona izinhlangano ezifana noFeminizimu. Ukucindezeleka kwabantu besifazane kuyinto esekhona kweminye imiphakathi ngenxa yokuthi amanye amasiko abantu abamnyama ayabavimbela ekutheni bephile ngendlela abafuna ukuphila ngayo ngisho indlela okugqokwa ngayo imbala isiko libacindezela abakhoni ukuthi begqoke ngendlela abafuna ngayo. Umuntu wesifazane emiphakathini yakithi kakhulukazi imiphakathi yase-Afrika umuntu wesifazane akavumelekile ukuthi engaba nobudlelwane nomunye umuntu wesilisa ngaphandle komkhwenyane wakhe. Leyo imfundiso esikhula nayo kusukela ebuncaneni bomuntu umndeni nomndeni unemfundiso ethize ngesikompilo nangamasiko esintu. Izazi zesayensi yabantu beMarxist zigcizelela ukuthi isisekelo sokuzithoba kwabesifazane silele emndenini, abakubona njengesikhungo esakhiwe ngokohlelo lwezindima eziphezulu nezingaphansi. Bachaza ukuthi izici ezibalulekile zomndeni emiphakathini esentshonalanga ukuthi igxila kubhangqwana lokuhlangana kanye nenzalo yalo, evame ukutholakala endlini eyodwa. Kungokwendalo, ngozalo nempahla kudlula kulayini wesilisa; iphathriyakhi ebinegunya elitshalwe enhlokweni yomuzi wesilisa; indoda kuphela okungenani ekusetshenzisweni 19 | P a g e komthetho wokuthi inkosikazi ilala ngokobulili nomyeni wayo kuphela. Izindinganiso ezivamile eziphindwe kabili zivumela amadoda inkululeko enkulu kakhulu yezocansi kunabesifazane („Gumede‟, 2002) Umphakathi wamaZulu ubulokhu waba ngabantu bamasiko futhi abakholelwa kuphathriyakhi. Lolu hlelo luhlale luqinisekisa ukubuswa ngabesilisa kozakwabo besifazane. Ngaphansi kwalolu hlelo, ukuzithoba kwabesifazane bekulokhu kuthathwa njengokujwayelekile nesiko. Noma yiliphi ilungu lomphakathi elingahambisani nalesi „silinganiso esivamile‟ lithathwa njenge hlongandlebe. Uhlelo lwephathriyakhi selukhombisile ukuthi luyacindezela kakhulu futhi lubandlulula abantu besifazane. Amadoda abambelela emandleni ngaphansi kwesiko lama siko nesintu. Ngikholwa wukuthi iphathriyakhi yiyo ebiyisithiyo esikhulu ekufuneni ukulingana ngokobulili kanye nobulungiswa ekuqedweni kwezinhlaka zephathriyakhi, ngoba abantu besilisa basebenzisa iphathriyakhi nesiko ukubonisa amandla ngaphezu kwabantu besifazane. “Patriarchy is a system of society or government in which the father or eldest male is head of the family and descent is reckoned through the male line hence, the system promotes male privilege. The attitudes and expectations organized on this basis rank men above women, providing a social structure that gives men uncontested authority. It is an obsession with control as a core value around which social life is organized” („Mudau, no-Obadire‟, 2017:67). “Iphathriyakhi uhlelo lomphakathi noma luka hulumeni lapho khona ubaba noma umuntu omdala uyinhloko yomndeni futhi ubuqotho buvezwa ngomuntu wesilisa ingakho, lolu hlelo liphakamisa amalungelo abesilisa. Izimo zengqondo nokulindelwe okuhlelwe kulesi sisekelo kubeka amadoda ngaphezu kwabesifazane, okuhlinzeka ngesakhiwo senhlalo esinikeza amadoda igunya elingaphikiswa. Ukulangazelela ukulawula okuwumnyombo nesisekelo lapho impilo nenhlalo yomphakathi ihleliwe” („Mudau, no-Obadire‟, 2017:67). Imibhalo eminingi yezincwadi zesiZulu igqugquzela ukuphakama kwamadoda kunabesifazane ngaphandle kokuba nenhloso yokubuza ubuqiniso besimo esikhona emphakathini. Igama elithi 'iphathriyakhi' ngokwezwi nezwi lisho ukubusa kukababa noma „iphathriyakhi', futhi ekuqaleni lalisetshenziselwa ukuchaza uhlobo oluthile 'lomndeni olawulwa abesilisa' - indlu enkulu yokhokho eyayihlanganisa abesifazane, abesilisa 20 | P a g e abancane, izingane, izigqila nezisebenzi zasendlini konke kungaphansi kokubusa kwalona wesilisa ovelele. “to refer to male domination, to the power relationships by which men dominate women, and to characterise a system whereby women are kept subordinate in a number of ways” („Bhasin‟, 2006:03). “Ukubhekisa ekuphatheni kwabesilisa, ebudlelwaneni bamandla lapho amadoda elawula khona abesifazane, kanye nokuveza uhlelo lapho abesifazane begcinwa bengaphansi ngezindlela eziningi” („Bhasin‟, 2006:03). Osolwazi abahlukahlukene nezinjulalwazi ziyichaze ngezindlela ezihlukene indlela mgomo yokuphila kuphathriyakhi nokuthini iyini iphathriyakhi, uMitchell (1971:24) uthi: “…a feminist psychologist, uses the word patriarchy “to refer to kinship systems in which men exchange women” („Mitchell‟, 1971:24). “…isazi sokusebenza kwengqondo sabesifazane, sisebenzisa igama elithi phathriyakhi ukubhekisa ezinhlelweni zobudlelwano lapho amadoda eshintshanisa khona abesifazane” („Mitchell‟, 1971:24). UWalby yena uthi: “patriarchy as a system of social structures and practices in which men dominate, oppress and exploit women. She explains patriarchy as a system because this helps us to reject the notion of biological determinism (which says that men and women are naturally different because of their biology or bodies and, are, therefore assigned different roles) or “the notion that every individual man is always in a dominant position and every woman in a subordinate one” („Walby‟, 1990:20) “Iphathriyakhi njengohlelo lwezinhlaka zomphakathi nemikhuba lapho abantu besilisa bephethe, becindezela futhi bexhaphaza abesifazane. Uchaza iphathriyakhi njengohlelo ngoba lokhu kusisiza ukuba senqabe umbono we-biological determinism (othi amadoda nabesifazane ngokwemvelo bahlukil e ngenxa yebhayoloji noma imizimba yabo, ngakho-ke, banikezwe izindima ezahlukahlukene) noma "umbono wokuthi wonke umuntu wesilisa uhlala usesikhundleni esiphakeme futhi wonke umuntu wesifazane engaphansi” („Walby‟, 1990:20). 21 | P a g e Iphathriyakhi, encazelweni yayo ebanzi, kusho ukubonakaliswa nokufakwa kwezikhungo ekuphatheni kwabesilisa phezu kwabesifazane nezingane emndenini kanye nokwandiswa kokubusa kwabesilisa phezu kwabesifazane emphakathini wonkana. ULerner (1989:239) uthi kusho ukuthi: “…men hold power in all the important institutions of society” and that “women are deprived of access to such power”. However, it does not imply that “women are either totally powerless or totally deprived of rights, influence, and resources” („Lerner‟, 1989:239). “…abesilisa baphethe amandla kuzo zonke izikhungo ezibalulekile zomphakathi” nokuthi “abesifazane bancishwa ukufinyelela kulawo mandla”. Kodwa-ke, akusho ukuthi “abesifazane abanamandla ngokuphelele noma baphucwe ngokuphelele amalungelo, umthelela, nezinsizakusebenza” („Lerner‟, 1989:239). Ngokuphathelene nobukhona kanye nemvelaphi yephathriyakhi, abesiko nabendabuko bakholelwa ukuthi abesilisa bazalelwe ukuphatha futhi abesifazane babe ngaphansi. Bakholelwa ukuthi lesi sigungu sabaphathi besikhathi sonke besilokhu sikhona futhi sizoqhubeka, futhi njengeminye imithetho yemvelo nayo le ayikwazi ukuguqulwa. Kunabanye (amafeministi) abaphikisana nalezi zinkolelo futhi bathi iphathriyakhi akuyona into engeyemvelo kepha yenziwe ngabantu, ngakho-ke, isangaguqulwa ukuze abantu besifazane nabo bezithole benamalungelo afanayo nawabesilisa futhi bephathwe ngendlela efanayo. (Sultana, 2011) Emndenini wendabuko yephathriyakhi, abesifazane baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi amaZulu, okuyibona okugxilwe kubo kulemibhalo ecutshungulwe ngenzansi, bafundiswa ukuhlonipha amadoda njengezinhloko zemindeni yawo. Omunye wababhali uNtshangase (2018) uveza ukuthi izinto ezenziwa ngaphansi kwamasiko ezifana nenhlonipho, isithunzi kanye negunya namandla zingaphazamisa ubudlelwano phakathi kwabesilisa nabesifazane ngoba ibeka abesilisa phezulu ngayo yonke indlela bese abesifazane ibabeka ezansi. Kulandelwe lolu hlobo lobudlelwano obubi phakathi kwamadoda akwaZulu nabesifazane abangamaZulu emuva ezikhathini zangaphambi kwekoloniyalizimu zomnotho wasekhaya lapho indoda yamaZulu yayinendlu yayo, kanti amakhosikazi ayo ayenamaqhugwane ahlukene. Lokhu kuphakamisa ukuthi abesilisa abangamaZulu bayijabulela impilo yabo yokuhlala bodwa yize babeshadile. Lolu hlobo lokwehlukaniswa lwaphinde lwandiswa ngezikhathi zamakholoni lapho amadoda akwaZulu aphoqeleka ukuba ashiye izindawo 22 | P a g e zasemakhaya ayofuna umsebenzi emadolobheni njengezisebenzi ezibhungukayo. Abesifazane bebeshiywa bodwa emakhaya ukunakekela izingane nokwenza yonke imisebenzi yasendlini ngenkathi abesilisa bejoyina umnotho wezimakethe njengabahlinzeki bemindeni yabo (Buthelezi, 2006). Ngokusho kwabesifazane abangahambisani nephathriyakhi (feminists) (uBrownmiller 1976, noFirestone 1974), iphathriyakhi ibandulela impahla yangasese (private property). Bakholelwa ukuthi ukuphikisana kwasekuqaleni nokwesisekelo kuphakathi kobulili hhayi phakathi kwezigaba zomnotho. Abesifazane abaphikisana nephathriyakhi noma abalwela amalungelo abantu besifazane, babheka bonke abesifazane njengesigaba. Ngokungafani kwamasiko nendabuko, noma kunjalo, abakholelwa ukuthi iphathriyakhi iyimvelo noma ukuthi ibilokhu ikhona emiphakathini yakithi futhi isazoqhubeka nokubusa ngoba abantu abaningi abavumelani ngendlela iphathriyakhi ecindezela ngayo abantu besifazane kumele kuliwe nokungalingani kwamalungelo abantu besilisa nabesifazane. Iphathriyakhi iyisithiyo esikhulu ekuqhubekeni nasekuthuthukisweni kwabesifazane. Ngaphandle kokwehluka emazingeni okubusa imigomo ebanzi ihlala ifana, ingakho-ke abesilisa bephethe noma benamandla ukunabantu besifazane. Uhlobo lwalesi silawuli singahluka. Ngakho-ke kuyadingeka ukuqonda uhlelo, olugcina abesifazane bephethwe futhi bengaphansi, nokuqaqa ukusebenza kwalo ukuze kusebenze intuthuko yabesifazane ngendlela ehlelekile. Ezweni lesimanje lapho abesifazane beya phambili ngokufaneleka kwabo, iphathriyakhi lapho idala izithiyo zokuba abesifazane baye phambili emphakathini. Ngoba izikhungo zephathriyakhi kanye nobudlelwano kwezenhlalo ebhekele isimo esiphansi noma sesibili sabesifazane („Delhi ‟, 2006). Umphakathi osakholelwa kuphathriyakhi unikeza abesilisa kuqala futhi ngezinga elithile ubhekela amalungelo abantu besifazane phansi. Iphathriyakhi ivumela ukubusa kwabesilisa ezinhlakeni zomphakathi nezangasese. Ngale ndlela, abalwela amalungelo abesifazane basebenzisa igama elithi „iphathriyakhi‟ ukuchaza ubudlelwano bamandla phakathi kwabesilisa nabesifazane kanye nokuthola umnyombo wokuthotshiswa kwabesifazane. Lo mbhalo, ngakho-ke, ngumzamo wokuhlaziya umqondo wephathriyakhi nedlela kuphathwa ngayo abesifazane emshadweni kanye nokuzithoba kwabesifazane ngokubheka ukuthi ngabe iphathriyakhi iyona yini edala ukuthi kube nokuhlukumezeka kwabantu besifazane, ngoba sibona izimo zokuhlukumezeka kwabao ngendlela ezahlukahlukene. Ukulwa nalesi simo 23 | P a g e bonke abantu kumele bephathwe ngendlela efanayo ngaphandle kokubheka ukuthi ibuphi ubulili. 1.7 Uhlaka locwaningo  Isahluko sokuqala Isingeniso socwaningo nombono ongakafakazelwa, izinhloso zocwaningo kuphinde kuvezwe nemibuzo yocwaningo kanye nohlaka locwaningo.  Isahluko sesibili Ukubuyekezwa kwemibhalo lapho khona kuhlaziywe kabanzi indlela okuvezwe ngayo abantu besifazane e-africa, nereshinali yocwaningo.  Isahluko sesithathu Lesisahluko sibheka Injulalwazi yocwaningo, izindlela zokwenza ucwaningo, ipharadaymu..  Isahluko sesine Lesisahluko sibheka ukwethulwa nokuhlaziywa kolwazi oluqoqiwe nokuhlaziywa kwezincwadi ezikhethiwe.  Isahluko sesihlanu Isiphetho neZincomo zocwaningo olungenziwa esikhathini esizayo. 24 | P a g e Isahluko sesibili 2. Ukubuyekezwa Kwemibhalo 2.1 Isingeniso Kulesi sahluko kubuyekezwa imibhalo esibhaliwe mayelana nendlela kuphathwa ngayo abantu besifazane emishadweni. Ukubuyekezwa kwemibhalo kungenye yezingxenye ezibalulekile ekwenzeni ucwaningo. Ukubuyekezwa kwemibhalo yikhona okuhlahlela umcwaningi indlela yokwenza ucwaningo lwakhe. UGalvin (2008) uthi ukuze ucwaningo lomcwaningi lube impumelelo into ayenzayo elandela ukuthola isihloko socwaningo ngukubuyekeza imibhalo esibhaliwe ehlobene nesihloko ahlose ukucubungula ngaso. UHart (2018) uthi umcwaningi uma enza ukubuyekeza imibhalo usuke ebheka imibhalo esibhalwe ngabacwaningi ehlobene nesihloko. Umcwaningi ube esebheka imibhalo ngeso elijulile futhi ahlole leyo mibhalo. NgokukaDavid (2012) uma umcwaningi enza ukubuyekezwa kwemibhalo kufanele akhombise ukuqonda isimo solwazi olukhona, aqhathanise ucwaningo oluhlukene nezinjulalwazi, aphinde akwazi ukuveza igebe elikhona emibhalweni esishicilelwe. Umcwaningi kufanele akwazi ukukhomba ukuthi yikuphi okufanele kwenziwe ukuvala lelo gebe elikhona mayelana nesihloko asiqokile. Kulolu cwaningo kwenziwe ucwaningo olunzulu, kubhekwa ukuthi yini esibhaliwe ngabantu besifazane ngabacwaningi abahlukene. Kulolu cwaningo akubhekwanga kuphela izincwadi ezibhaliwe zashicilelwa kepha kubuye kwabhekwa nemisebenzi yocwaningo engashicilelwe namaphepha afundiwe emibhalweni engamajenali. Lesi sahluko sizokhuluma kabanzi ngokubuyekezwa kwemibhalo yaphambilini, siphinde sibheke ababhali asebeke baba nengalelo ekukhulumeni ngendlela amasiko akithi KwaZulu ecindezele ngayo abantu besifazane ngenhloso yokuzwa imibono yabo eyahlukene ephikisana noma evumelana nokulingana kwamalungelo abantu besifazane nabantu besilisa emiphakathini esiyakhele. Kunemibhalo ehlukahlukene ebhalwe ngongoti nezifundiswa ekhuluma kabanzi ngokuvezwa kwabantu besifazane emibhalweni yesiZulu. Lemibhalo engikhuluma ngayo kubalwa amajenali, dizetheshini nezincwadi amanoveli esiZulu nezisho nezaga. Le mibhalo ithi ayikhulume ngento efanayo nesihloko engisikhethile lapho kubhekwa indlela abantu besifazane bephethwe ngayo emiphakatini nendlela abavezwe ngayo emibhalweni yesiZulu nangendlela ababukelwa ngayo phansi. 2.2 Imibono eyahlukene yababhali 25 | P a g e Ucwaningo lucubungula le mibhalo isihlangene yonke nalolu cwaningo kuyacaca ukuthi abantu besifazane abaningi basacindezelekile futhi abanayo indlela yokuzikhethela impilo abafuna ukuyiphila nangendlela abafuna ukuzipatha ngayo ngesimo sokuthi imiphakathi esikhulela kuyo ikholelwa ekutheni abantu besifazane kunendlela okufanele bephile ngayo noma beziphathe ngayo ukuze bekhone ukwamukeleka emiphakathini (Gumede, 2002). Ngesiko lakwaZulu umuntu wesifazane kwaziwa ukuthi kumele eziphathe ngendlela ethize eziqoqe ukuze ethole umendo, lokho kucacisa ngokusobala ukuthi abantu besifazane bavezwe njengabantu abangeyilutho okuyizinto ezifanelwe ukuyogana behlale bezale izingane nakuba benamalungelo alinganayo nawabesilisa ngokomthetho wase Ningizimu Afrika. Ngokuka Zungu (2019) uthi: “In South Africa, women legally have equal rights with men. They are allowed to choose for themselves and to take decisions that suit them and their lifestyles. However, in rural communities where some women are fully dependent on their husbands, most women marry young and drop out of school. Poverty in these communities compels women to get married at a young age.” („Zungu‟, 2019:9) “ENingizimu Afrika, ngokusemthethweni abesifazane banamalungelo alinganayo nabesilisa. Bavunyelwe ukuzikhethela futhi bathathe izinqumo ezibafanele nezindlela zabo zokuphila. Kodwa-ke, emiphakathini yasemakhaya lapho abanye besifazane bencike ngokuphelele kubayeni babo, abesifazane bashada besebancane futhi bayeka isikole. Ubumpofu kule miphakathi buphoqa abesifazane ukuthi bashade besebancane” („Zungu‟, 2019:19). Injongo yalolu cwaningo ukucubungula indlela ababhali abaveze ngayo abantu besifazane. Kuzobhekwa izincwadi (amanoveli) neminye imibhalo yesizulu ekhona efana nezaga nezisho lapho khona kuzobhekwa indlela abadlali besifazane bevezwe ngakhona kanye nezindima zabo kuqhathaniswa nabantu besilisa. Lapho kuzobe kubhekwa khona umthelela wephathriyakhi emshadweni nasemiphakathini esakholelwa ekutheni abantu besifazane kumele bebe ngaphansi kwabantu besilisa ngokwamandla (Patriarchal society). („Sultana‟, 2013) uQunta (1987:11) yena uthi: “the African woman emerges as a victim of the African male and of traditional customs and practices. The African woman of the rural areas is portrayed as little more than a slave, who goes about her task with silent acceptance. She has no past 26 | P a g e and no future, given the inherent backwardness of her society. Her consciousness about her oppression is awakened only when she comes into contact with western women, and she is surprised by their comparative freedom”. “Owesifazane wase-Afrika uvela njengesisulu sowesilisa wase-Afrika kanye namasiko nemikhuba yesintu. Owesifazane wase-Afrika wasezindaweni zasemakhaya ukhonjiswe njengesigqila, esenza umsebenzi wakhe ngokwamukela buthule. Akanakho okwedlule futhi akanalo ikusasa, unikezwe ukubuyela emuva okungokwemvelo komphakathi wakhe. Ukwazi kwakhe ngokucindezelwa kwakhe kuvuswa kuphela lapho ehlangana nabesifazane basentshonalanga, futhi umangazwa inkululeko yabo yokuqhathanisa”. Omunye wababhali yena uveza ukuthi abantu abangama Zulu babheka umshado njengongunaphakade engasoze yabhubha noma yehlukaniswe. Ngokombono wefeminizimu, lo mbono wobumbano lwaphakade unempikiswano, ngoba ubheka kuphela ohlangothini olulodwa lobulili, emndenini lowo wesifazane ashadele kuwo. Ibuka inhlalakahle yalo mndeni ngokwezimo zasemzini sebezitholele „isigqila‟ sokubenzela konke okumele kwenziwe ngumakoti ngaphandle kokubheka ukuthi ngabe uzizwa kanjani lo wesifazane ngalemigomo okumele eyilandele ngesimo sokuthi sithi kuyisiko ukusebenza komuntu wesifazane uma eshadile. Lokhu kubandakanya ukuzala nokukhulisa izingane ukuze kuqhubeke uzalo, nokunye („Msimang‟, 1975). NgokweBhayibheli, liveza umshado wokuqala ka-Adamu no-Eva wokuba nomfazi oyedwa njengentando kaNkulunkulu nenhloso yesintu. Isithembu sibonwa njengesingeniswe ngohlu lwendodana ka-Adamu eyayilahliwe, uKayini, ngakho-ke sithathwa njengohlobo lomshado olungaphelele. Kokubili iThestamente Elidala elingasekho nayo yonke imibhalo yeThestamente Elisha isekela umqondo wokuthi isithembu 'sasivunyelwe' kuphela ezikhathini zakudala, nokuthi ukukhula kwamasiko kancane kancane esintwini kuholele ohlelweni lomshado womuntu oyedwa. I-Islam, nokho, ivumela owesilisa ukuba abe nabafazi abane kuze kube yena nomphakathi bacabanga ukuthi uyakwazi ukubhekana nabo ngokungakhethi nangokufanele. I-Afrika iveza zonke izinhlobonhlobo zezinhlelo zomshado, ngasinye saziwa emasikweni nasezindaweni ezithile. Owesifazane osanda kushada unqatshelwa kwezinye izikhathi ukwaba imibono yakhe noma ukuveza indlela akazizwa ngayo, noma ngabe ibaluleke kangakanani. Kufanele alandele imiyalelo yomndeni wakhe omusha. Umshado uyinto enhle, noma kunjalo, imindeni 27 | P a g e eminingi isiphendule umshado waba uhlobo lobugqila kwabesifazane abaningi. Owesifazane osanda kushada kufanele awele kunoma iluphi uhlobo lokuhlukumezeka ngoba umyeni ukhokhe ilobolo, singasho ukuthi lokhu kucekela isithunzi sabantu besifazane phansi ngokuthi bathathwa njengezinto nje engeyilutho okumele zithengwe ngamalobolo. Isiko lelobolo seliphenduke ezinye zezinto ezihlukumeza abantu besifazane ngoba kwaziwa ukuthi kumele bevumele yonke into eshiwo umyeni ngoba ekhiphe ilibolo. (Msimang, 1975) Bamukela indlela yokusebenza kwengqondo kule ndaba, abahlaziyi be-psychoanalyst baphikisana nomshado ngoba ubeka abesifazane ekuhlukunyezweni, isimo esiphansi okufanele basibekezelele emshadweni, kuze kube yilapho sebengogogo. Umqondo ongenhla udluliswa isaga esilandelayo „Ukwenda wukuzilahla‟. Lokhu kushiwo ngoba intombazane ayikwazi ukuthi yazi kusengaphambili ukuthi impilo yayo yomshado izoba njani. Ngakho-ke ukushada kwakhe kufana nokuzilahla. Emiphakathini yase-Afrika, kunokwehluka okubili, okujwayele ukuveza ubudlelwano phakathi kwabesifazane nabesilisa, futhi ikakhulukazi, ubudlelwane obuphakathi kwamakhosikazi nabayeni. Kwamukelwa ngokuvamile ukuthi abesilisa kufanele bajabulele ngaphezulu kwabantu besifazane nasemphakathini futhi basebenzise amandla phezu kwabesifazane. Abesifazane bahlala kwisimo sokuncika, hhayi ngaphambi ngokuthi beshande kodwa ngisho bengakashadi, kodwa futhi nangemva komshado. Ngenxa yalokhu kuncishwa kwamandla nokucendezelwa ngokubulili njengoba kuveziwe kulencwadi Umshado, abesifazane base-Afrika ngokwesiko bahlala esikhundleni esiphansi emphakathini. Ukusho ukuthi abesifazane base-Afrika bahlala esikhundleni esiphansi kusho ukuthi bahlala ebugqileni obuqhubekayo ngoba ngisho esikhathini esiphila kuso manje basekhona abantu besifazane abacindezelekile emshadweni ngenxa yesiko nephathriyakhi. Uma bephathwe kabi, abesifazane bangenza okuncane ngokwabo ukufuna ukulungisa izikhalazo zabo: kufanele babheke kumuntu wesilisa noma owesilisa, njengabayeni babo, obaba, abafowabo, amadodana noma ezinye izihlobo eziseduze ukuze bathole usizo nokuvikelwa ngoba kwaziwa ukuthi bona abayilutho futhi ayikho into abangazenzela yona ngaphandle kosizo lwabantu besilisa („Gumede‟, 2018). Yize kunezindlela eziningi zokuzila e-Afrika, akunakwenzeka ukuthi kuvele noma kube nobufakazi bokuthi vele umuntu wesifazane kumele egqoke izingubo ezimnyama. Ukuzila akubandakanyi ukugqoka ingubo emnyama kuphela; kunezinye izindlela nezindlela zokubuka lo mkhuba. Isibonelo, lapho umuntu efa, kunamasiko athile, imisebenzi noma imikhuba lapho amalungu omndeni asondelene nomufi azokugwema futhi akugcine 28 | P a g e njengophawu lokuhlonipha umuntu oshonile. Kulezi zinsuku, abantu bakhombisa ukuthi basosizini ngokugqoka izingubo ezihlukile zombala noma ngezindwangu ezincane kuhluka ngokuthi loyomndeni wona uyifaka kuphi - eziluhlaza okotshani, eziluhlaza okwesibhakabhaka, noma ezimhlophe - ezithungwe ezingutsheni zabo, okungaba yingubo, isikibha, ihembe, njalonjalo. Ukukunda amakhanda, ikakhulukazi kubantu abangama Zulu, futhi kuyindlela ethandwayo yokukhombisa ukuthi umuntu usekuzileni. Kodwa-ke, akuyona yonke imindeni ezikhathazayo ngokugcina lo mkhuba. Lo mkhuba uyahlukahluka emindenini, ikakhulukazi ezikhathini zanamuhla, abanye abagundi zonke izinwele. Owesifazane olinyalelwe umyeni wakhe wayezila ngezikhumba. Kwakuhlatshwa izimbuzi, bese kuphalwa izikhumba zazo, kususwe bonke uboya, bese embathiswa zona umfelokazi, azigqoke unyaka wonke. Owesimame ozila ngalolu hlobo yilowo ogidile washada nothelwe ngenyongo wamukelwa emzini njengonkosikazi womuzi, hhayi noma ubani nje. Uma owesimame ezilile ngalolu hlobo, wayegoya ahloniphe, angazihlanganisi nabantu ngoba kwakwaziwa phela ukuthi unesinyama okungamele engame ngaso abantu. Indlela leyo sikhule besitshela ngayo okhokho nokhokhokazi izinto ebezenzeka ngesikhathi sasemandulu okuyinto uma ubheka indlela abantu bephila ngayo manje ihluke ngokwadlulele ngoba igcina iseza sizibuza imibuza mayelana nesiko nesikompilo kithi thina bantu abamnyama. Umuntu wase-Afrika akacabangi umshado njengenhlangano esuselwe othandweni lwezithandani yize ubuhle kanjalo nobuntu nempilo kufunwa ekukhetheni inkosikazi. Uthando oluqinile oluvame ukuba khona ngemuva kweminyaka ethile yomshado obeyimpumelelo luwumkhiqizo womshado uqobo ocatshangelwe njengenqubo, okuvela ekuhlaleni ndawonye nasekusebenzisaneni emisebenzini eminingi ikakhulukazi ekukhuliseni izingane. Isiko lokungena lisho nokuthi unkosikazi akakwazi ukushada nomunye umuntu, ngaphandle kwalo mndeni. Lesi yisimo esibuhlungu kwabanye besifazane - okumele balwe nesiko lokungena ngenkathi besalila ngokushona komyeni besazilile. Azikho izinkomo ezikhokhwayo uma kwenzeka loluhlobo lesiko lokungena, njengoba umyeni ongasekho esuke esekhokhe ilobolo. Uzungu (2019) yena ubeka kanjena ngololuhlobo lesiko, akakholelwa ukuthi lelisiko liyabahlukumeza abantu besifazane, uthi: “Levirate marriages are still prevalent in patriarchal societies. Traditionally, such societies value cultural adherence very highly. This sometimes includes a total disregard of women‟s rights, in opposition to the ongoing cultural evolution in the form of modernization and globalization which is affecting these societies. Women are 29 | P a g e seen as part of the inheritance to be handed over from one man to another through marriage when the first husband dies. There is no consideration of women‟s emotional state during and after the mourning period. Women are required to remain part of the dead husband‟s family forever. These beliefs and practices infringe upon the women‟s freedom of choice” („Zungu‟, 2019:196) “Imishado edla lubi isadlangile emiphakathini yephathriyakhi. Ngokwesiko, leyo miphakathi ikwazisa kakhulu ukunamathela kumasiko. Lokhu kwesinye isikhathi kufaka ukunganakwa ngokuphelele kwamalungelo abesifazane, ngokuphikisana nokuziphendukela kwamasiko okuqhubekayo ngendlela yesimanjemanje kanye nokuhwebelana kwezwelonke okuthinta le miphakathi. Abesifazane babonakala njengengxenye yefa elizodluliselwa lisuka kowesilisa liye komunye ngomshado lapho kushona indoda yokuqala. Akukho kubhekwa kwesimo sokuzwelana nabesifazane ngesikhathi nangemva kwesikhathi sokulila nesokuzila. Abesifazane kudingeka ukuthi bahlale beyingxenye yomndeni womyeni oshonile ingunaphakade. Lezi zinkolelo nemikhuba kwephula inkululeko yabesifazane yokuzikhethela” („Zungu‟, 2019:196). Ubulili abuhlukanisi amandla ngokulingana phakathi kwabesilisa nabesifazane. Amadoda akhiwe njengezikhulumi zomphakathi, ongqondongqondo, abathatha izinqumo nabanikazi bezindawo. Abesifazane bakhiwe ikakhulukazi njengezidalwa zasekhaya, abafanelwe ukuhlala endlini noma ekhishini. Emiphakathini yephathriyakhi, abadivosile nabesifazane abangashadile babhekwa njengabaxoshiwe futhi babeyidlanzana emphakathini, yize lokhu kushintsha kancane emphakathini wanamuhla. Ukulwela ukulingana kwamalungelo abesilisa nabesifazane akuthinti abesifazane kuphela; amadoda nawo kumele ehlanganyele kule mpi. Kwabesifazanekazi abanamandla, amadoda kufanele abe yingxenye yomzabalazo wokulwa nengcindezelo yabesifazane. Ukungabi khona kobulungiswa obukhulu kulesimo sesiko lokungena iqiniso ukuthi ukungalingani ngokobulili kuyinto ejwayelekile futhi ebonakala ilungile kulemiphakathi esakholelwa kuphathriyakhi ngesimo sokuthi bazi ukuthi abantu besifazane abayilutho. Emiphakathini eminingi esakholelwa kuphathriyakhi nesintu abafelokazi bayaphoqeleka ukulandela amasiko ahambisana nesikhathi sokulila nokuzila, noma ngabe bayahambiselana nawo noma cha. Isibonelo nje KwaZulu-Natali, enye intokazi ibike ukuthi iphoqwe ngabasekhweni layo ukuba bayochitha ubusuku nesidumbu sikamufi wayo egumbini 30 | P a g e eliseceleni, bebodwa, okwenza ukuthi afune ukwelulekwa ngokuhlukumezeka. Kuneminye imikhuba emibi eminingi eyenzelwa abafelokazi abasosizini lapho kushona abalingani babo eNingizimu Afrika. Isibonelo, uma kwenzeka umfelwa eshiywa ngumakoti, umshado unqanyulwa ngokushona kwenkosikazi. Ngamanye amazwi, akukho ukuphoqelela ngasohlangothini lomfelwa; uhlala engashadile. Isizathu sokuphoqa umfelokazi ukuthi ahlale ekhaya lomyeni wakhe singahluka, kepha kwezinye izimo, abasemzini bashukunyiswa umhobholo wokufuna ukuthi umfelokazi ahlale endlini yabasekhweni lakhe futhi ashade nomfowabo womyeni, ikakhulukazi uma Abasekhweni bafisa ukugcina ingcebo yendodana yabo engasekho emndenini. Inhloso ngokungaqondile ukugcina umfelokazi empofu futhi kulula ukulawula. Leli lungiselelo liphinde likhombe ukungalingani ekuphathweni kwabesifazane ngabesilisa emphakathini, ikakhulukazi abafelokazi. Omunye wababhali uZungu (2019) yena uthi: “This Zulu belief is somewhat similar to the Mormon belief of sealing a wife to her dead husband. This has seen many a woman left voiceless on matters of the heart. The family decides as to who of the brothers or cousins will marry the widow. She has no say in the matter” („Zungu‟, 2019:201). “Le nkolelo yamaZulu ithi ayifane nenkolelo yamaMormon yokubeka unkosikazi uphawu kumyeni wakhe ongasekho. Lokhu kubone abesifazane abaningi beshiywe bengakwazi nambono ngemizwa yabo nokusenhliziyweni yabo. Umndeni iwona onquma ukuthi ubani kubafowabo noma umzala ozoshada nomfelokazi. Yena akanazwi kulenkinga” („Zungu‟, 2019:201). Lokhu kukhomba ngokusobala ekuphathweni ngokungalingani kwabafelokazi nabafelwa ku amasiko amaningi e-Afrika. Ukwenqaba kwabesifazane ukuzibandakanya emikhubeni efana nokungenwa kungaholela ekujezisweni okunzima okungabandakanya ukuxoshwa ekhaya lomshado. Lo mkhuba uvame kakhulu emiphakathini eminingi yasemaphandleni ezingxenyeni ezithile ze-Afrika isibonelo nje KwaZulu-Natal, kepha ikakhulukazi kulezo zindawo ezingaphansi kwegunya labaholi bendabuko abanjenga makhosi nezinduna neziNkosi. Kweminye imiphakathi yesintu nephathriyakhi eNingizimu Afrika ikakhulukazi isizwe sakwaZulu abafelokazi abavunyelwe ukuba bodwa ngaphandle isikhathi eside; abavunyelwe ukuzihambela bodwa emasimini okutshalwa izitshalo noma ezindaweni lapho kudla khona imfuyo njengoba kunezinkolelo ezinamandla zokuthi lokhu kungaholela ekucekelweni phansi 31 | P a g e kwezitshalo nemfuyo. Ngezikhathi zokulila nokuzila, abafelokazi baphoqelekile ukuphelezelwa yingane noma umuntu omdala yonke indawo lapho bedinga ukuya khona futhi abavunyelwe ukuba kanye / noma ukubamba iqhaza emicimbini noma emihlanganweni yomphakathi. Iqiniso lokuthi akufanele bakhulume emicimbini yomphakathi noma emihlanganweni yomphakathi kungukwephula inkululeko yabo yentando yeningi yokubamba iqhaza ekuphathweni kwemiphakathi yabo noma ukuzibandakanya nomsebenzi wezomnotho ukuhlinzekela izingane zabo, lokho ezinye zezindlela ezikhombisa ukuthi abantu besimame bacindezelwe ngayoyonke indlela. („Magudu‟, 2004) “Despite its pervasiveness, gender-based violence is one of the least talked about violations of women‟s rights as most of it takes place within the private domain and is never reported Gender-based violence is mostly common at family and community level and mostly affects women” („Ndlovu‟, 2008:67). “Ngale kokusabalala kwalo, udlame olusekelwe ebulilini lungenye yezinto okungakhulunywa kakhulu ngazo ngokuphulwa kwamalungelo abantu besifazane njengoba lenzeka ezizindeni ezizimele futhi akukaze kubikwe ukuthi udlame olusekelwe ebulilini luvame kakhulu emndenini nasemphakathini futhi luthinta kakhulu abesifazane” („Ndlovu‟, 2008:67). Ukucwaswa okusabalele, ukuphathwa kabi nokuhlukunyezwa kwabesifazane kwimiphakathi eminingi ezweni lonke iyinkomba yesidingo sabenzi bezinqubomgomo nemithetho yokugcizelela kakhulu hhayi kuphela amalungelo abantu kanye namalungelo abesifazane nokunikwa phecelezi i-privacy yabo nokuvikelwa, kepha futhi namalungelo abesifazane ngokulingana ngokobulili ngaphakathi kwezimo ezithile zamasiko abo. Okuvela kulolu cwaningo kukhombisa ngokusobala ukuthi kunokushoda okukhulu kokuqonda nokwehluleka ukuphoqelela izinqubomgomo nemithetho efanelekile yokulingana ngokobulili ezimeni ezahlukahlukene zezenhlalo, amasiko nezenkolo ingakho sisabona kukhona abantu besifazane abacindezelekile nabahlukumezekile ngenxa yokuthi umthetho awuyidlali indima yawo ukulwela abantu besifazane ngoba abanye bazithola becendezelekile egameni lesiko. Ngenkathi umthethosisekelo uqinisekisa futhi uvikela amalungelo awo wonke abantu basemphakathini ukuveza izinkolelo zabo namasiko, lolu cwaningo luhlose ukuveza isidingo sokungenelela kwenqubomgomo nabantu bakithi abayibonayo lento mihla namalanga ukuze sikwazi sonke ukulwa nalesimo sokungalingani, ukuvikela amalungelo abantu, ikakhulukazi ezimeni lapho izintshisekelo zeqembu lomphakathi zibekwa eqhulwini ukulimaza 32 | P a g e amalungelo abantu ngabanye. Ucwaningo lukuveza ngokusobala ukujula kokungabi nalwazi ngamalungelo ayisisekelo sabantu, njengelungelo lempahla, ukulingana, ukuphepha, nokutholakala kolwazi ngoba imiphakathi eminingi esakholelwa kuphathriyakhi kucaca ngokusobala ukuthi abazi ukuthi abantu besifazane banamalungelo alinganayo nawabantu besilisa. “In South African society, cultural and patriarchal attitudes and beliefs regarding physical abuse against women are still entrenched” („Ngcobo‟, 2015:32). "Emphakathini waseNingizimu Afrika, amasiko nezinkolelo eziphathelene nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane zisazinzile" („Ngcobo‟, 2015:32). Akekho owaziyo ukuthi ekuqaleni komlando ukuhlelwa kophiko lomndeni njengoba sazi ukuthi kufanele ubekhona kodwa asazi ukuthi senza ngendlela yini. UMarx no-Engels (1884) babamba ukuthi umnyombo wenhlangano eyaba eyokuqala yayenziwe ngabesifazane, ababehlala ekhaya banakekele izingane, kuyilapho abesilisa behamba bezingela futhi bezihlanganisa nabangane babo besilisa. Ekubuyeleni kwabo ekhaya amadoda ayengagcini kumlingani ofanayo ocansini, ngakho-ke izingane kwakungekamama, kanye nohlelo phecelezi lwe-matriarchy ne-polyandry kwabesekucindezeleka kanjalo. Lo mbono wasebenza njengesisekelo sokuchaza umzabalazo ocatshangelwa phakathi kwabesilisa nabesifazane ukuze belingane ngokwamalungelo nangokwamazinga kuliwe nokucindezelwa kwabesifazane. Isimilo esivelele sobukhulu bendoda kunonkosikazi emndenini wanamuhla, isidingo sokwakha ukulingana kwangempela kwezenhlalo phakathi kwabo nendlela yokwenza, kuzobonakala ekukhanyeni kosuku lapho bobabili benokulingana okuphelele ngokusemthethweni yamalungelo. Lapho-ke kuzocaca ukuthi umbandela wokuqala wokukhululwa kukankosikazi ukubuyisa wonke umndeni embonini yomphakathi, nokuthi lokhu kudinga ukuthi kupheliswe isici somndeni ongabodwa njengoba iyunithi yezomnotho yomphakathi. Ngokuka Marx (1884) ocashunwe uSydie uthi ngokungalingani ngokobulili nangokwamazinga: “For Marxists, class iequalities and class struggles are the primary feature of the structure of any society, and play a key role in the development of these structures. At the same time, many Marxists recognize that women and men have not usually been equal in society, with women have a position of inferior to tat of men through much of history and in modern society. This inequality is not just a byproduct of class 33 | P a g e inequality, but has its own explanation. Marx also argued that for women and men to be fully equal, private property would have to be abolished, and an egalitarian, socialist society created” („Sydie‟, 1987:89). “KumaMarxist, ukulingana ngokwezigaba nemizabalazo yezigaba kuyisici esiyinhloko sokwakhiwa kwanoma imuphi umphakathi, futhi kudlala indima enkulu ekuthuthukisweni kwalezi zinhlaka. Ngasikhathi sinye, amaMarx amaningi ayaqaphela ukuthi abesifazane nabesilisa bebengalingani njalo emphakathini, kanti abesifazane banesikhundla esiphansi kunaleso sabesilisa ngomlando omningi nasemphakathini wanamuhla. Lokhu kungalingani akuyona nje umkhiqizo wokungalingani kwesigaba, kodwa kunencazelo yayo. UMarx uphinde wathi ukuze abantu besifazane nabesilisa balingane ngokuphelele, kuzodingeka kuqedwe impahla yangasese, futhi kudalwe umphakathi olinganayo, wobusoshiyali ” („Sydie‟, 1987:89). Kucaca ngokusobala ukuthi abantu besifazane bayacindezeleka ikakhulukazi emiphakathini esakholelwa kuphathriyakhi nesakholelwa kwisiko lesintu lapho abantu abaningi bekholelwa ekutheni abantu besilisa kumele bethathe isithembu noma kube yibona abanamalungelo amaningi ukudlula abantu besifazane, namandla. Iphathriyakhi iyisithiyo esikhulu ekuqhubekeni nasekuthuthukisweni kwabesifazane. Ngaphandle kokwehluka emazingeni okubusa imigomo ebanzi ihlala ifana, ingakho ke abesilisa bephethe noma benamandla ukunabantu besifazane. Uhlobo lwalesi silawuli singahluka. Ngakho-ke kuyadingeka ukuqonda uhlelo, olugcina abesifazane bephethwe futhi bengaphansi, nokuqaqa ukusebenza kwalo ukuze kusebenze intuthuko yabesifazane ngendlela ehlelekile. Ezweni lesimanje lapho abesifazane beya phambili ngokufaneleka kwabo, iphathriyakhi lapho idala izithiyo zokuba abesifazane baye phambili emphakathini. Ngoba izikhungo zephathriyakhi kanye nobudlelwano kwezenhlalo ebhekele isimo esiphansi noma sesibili sabesifazane („Delhi, 2006). Omunye wababhali uthi bonke abantu kumele bephathwe ngendlela efanayo, u-Ifechelobi (2017:23): “All human beings are born free and equal in dignity and rights. They are endowed with reason and conscience and should act towards one another in a spirit of brotherhood. Everyone is entitled to all the rights and freedoms set forth in this declaration, without distinction of any kind, such as race, colour, sex, language, 34 | P a g e religion, political or other opinion, national or social origin, property, birth or other status...”(UN General Assembly art.1-2). “Bonke abantu bazalwa bekhululekile futhi belingana ngesithunzi nangamalungelo. Banikezwe ukucabanga nonembeza futhi kufanele baphathane ngomoya wobuzalwane. Wonke umuntu unelungelo lawo wonke amalungelo nenkululeko ebekwe kulesi simemezelo, ngaphandle kokwehlukaniswa kwanoma yiluphi uhlobo, njengobuhlanga, ibala, ubulili, ulimi, inkolo, ezombusazwe noma omunye umbono, imvelaphi yobuzwe noma yezenhlalo, impahla, ukuzalwa noma esinye isimo...”(UN General Assembly art.1-2). Ngokweqiniso uma ubheka ukuba ngaphansi kwabesifazane nokucindezelwa nokuhlukunyezwa kwabo kuyabonakala esikahthi okuphilwa kuso manje. Ikakhulukazi emiphakathini esakholelwa kuphathriyakhi namasiko. Abaningi bakholelwa ekutheni ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane kuyimvelo kuphathriyakhi, kuyinto ejwayelekile ngoba abantu abaningi abakholelwa kuphathriyakhi babuka abantu besifazane njengabantu okubafanele ukuthi beshaywe noma behlukunyezwe bese kuvikwa ngokuthi leso senzo siyisiko. “It is claimed that violence against women inevitably occurs in traditional milieus that “put women beneath men in status and personhood” („Ademiluka‟, 2018:354). “Kuthiwa udlame olubhekiswe kwabesifazane lwenzeka ngendlela engenakugwemeka esimweni sendabuko “okubeka abesifazane ngaphansi kwabesilisa ngesimo nangobuntu” („Ademiluka‟, 2018:354). Omunye engasho ukuthi ukuhlukunyezwa nokucindezelwa kwabantu kuyinxenye ebalulekile kakhulu yephathriyakhi ngoba ikona okubonisa amandla endoda, ngokuthi indoda ishaye umuntu wesifazane izizwa inamandla ukunomuntu wesifazane. Abantu besilisa bajwayele ukuthi besebenzise amandla abo ngaphezu kwabantu besifazane ngoba bazi ukuthi ngokwesiqu nokwakhiwa kwabo banamandla ukunabantu besifazane okugcina kuyikho lokhu okwenza ukuthi ngasosonke isikhathi uma kunenxabano ekhona noma impikiswano umuntu wesilisa ugcina esebenzisa udlame. Lento abantu abaningi bakhula beyibuka mhlambe emndenini noma emphakathini begcina bekhula naso lesisihlava sokukholelwa ekutheni into elungisa izinto phakathi kwendoda nonkosikazi udlame, iphathriyakhi kahle kahle iphakamisa abantu besilisa. Isibonelo nje igama i-Patriarchy lisuselwa egameni lesi Latin elithi [pater elisho ukuthi father (baba) nelithi arch elisho ukuthi phatha (rule)]. 35 | P a g e Iphathriyakhi emazweni amaningi ase Afrika bayibona njenge siko labo ikakhulukazi abantu besilisa. Iphathriyakhi ithathwa njenge ndlela yokuphila emiphakathini yase Afrika, ngoba e- Afrika umuntu wesilisa uhlale ebekwa ngaphezulu kuyoyonke into akayenzayo. Ukuhlonishwa namandla anikwa abantu besilisa idlulele kwimiphakathi yase Afrika, kangangokuthi umuntu wesifazane akabalwa nhlobo ezintweni eziningi ngoba akathathwa njenge sidalwa esibalulekile emphakathini ngisho ehlukumezekile akekho okushaya indiva lokho, amadoda iwona abusayo navezwe njengabantu ababalulekile ngisho amasiko amaningi ayabavuna. “it is the males‟ will and cultural norms which dominate and legislate. Men are born already elevated in the societal hierarchy, and men and male children are valued above women and female children” („Ademiluka‟, 2018:349). “kuyintando yabesilisa kanye nezinkambiso zamasiko ezibusayo nezishaya umthetho. Amadoda azalwa esevele ephakeme emphakathini, futhi amadoda nabantwana besilisa baziswa ngaphezu kwabesifazane nabantwana besifazane ” („Ademiluka‟, 2018:349). Lokhu kuphatha nokugqama ngaphezu kwabantu besifazane kucaca kusukela kusahlelwa umshado lapho khona indoda ikhipha noma ikhokha amalobolo aloyo okusuke kuzoba ngunkosikazi wakhe, lokho okumenza loyo muntu wesifazane agcine ezizwa eyimpahla kaloyo akamkhiphele amalobolo. Ukuthi indoda iyona ephethe inkosikazi kuvezwe ngendlela ezahlukahlukene. Isibonelo nje, izinxenye eziningi zezwe lase Nigeria, isenzo sokukhokha imali noma amalobolo ithathwa njenge senzo sokuthengisa loyo wesifazane kulo mndeni akayoshadela kuwo. Amalobolo bawathatha njenge senzo lapho khona amalungelo omuntu esuke ephucwa wona enikwa lomndeni akayoshadela kuwo. “In Nigeria, the act of payment of bride price … is perceived as an outright act of transfer of woman‟s rights in source family to spouse‟s family. Also, in most places in Africa after the wedding, the woman is compelled by tradition to bear her husband‟s name as surname, dropping her father‟s name” („Ademiluka‟, 2018:349). “ENigeria, isenzo sokukhokha ilobolo … sithathwa njengesenzo esiqondile sokudluliselwa kwamalungelo abesifazane emndenini womthombo emndenini walowo ashade naye. Futhi, ezindaweni eziningi e-Afrika ngemva komshado, owesifazane uphoqwa isiko ukuba abize isibongo somyeni wakhe, alahle igama likayise” („Ademiluka‟, 2018:349). 36 | P a g e Futhi, ezindaweni eziningi e-Afrika ngemva komshado, owesifazane uphoqwa isiko ukuba abize isibongo somyeni wakhe, alahle isibongo sikayise. Ngakho-ke, e-Afrika, ubulili babesifazane abashadile bubhekwa njengento elawulwa abayeni babo. Ngokwesibonelo, eBotswana ngisho nowesifazane ongumzali oyedwa akanalo ilungelo lokulala nanoma iyiphi indoda ngaphandle kwaleyo akayizalela abantwana; ngamanye amazwi, isiko alivumi ukuthi owesifazane agcine amadoda amabili ngesikhathi esisodwa. Indoda ikhululekile ukuba nenkosikazi yesibili noma isancinza uma ifisa, kube owesifazane, isancinza noma umfazi wesibili kufanele ngaso sonke isikhathi athembeke endodeni eyodwa. Ukucwaswa kwabesifazane kubonakala nasemyalweni wendabuko othi abesifazane abasebasha abangazibandakanyi kwezocansini bengakashadi, ekubeni ungekho umkhawulo onjalo emadodeni, noma kwabadala futhi amadoda avunyelwe ukwenza noma yini. “it becomes discriminatory when the expectation and responsibility of chastity becomes the burden of women/daughters while rascality and high risk sexual behaviour is tolerated and encouraged for men and boys by the society” („Igbelina- Igbokwe‟, 2013:77). “Kuba ukucwasa lapho kulindeleke isenzo sobumsulwa kube umthwalo wabesifazane/amadodakazi kuyilapho ukucwasa kanye nokuziphatha ngokocansi okunobungozini kubekezelelwa futhi kukhuthazwa kwabesilisa nabafana ngumphakathi” („Igbelina-Igbokwe‟, 2013:77). Ezingeni lomndeni, iphathriyakhi ibuye ibonakale ekuhlukaniseni indima yobulili. Ngaphandle kwendima yemvelo yokuzala abantwana, emphakathini wendabuko wase-Afrika, abesifazane babedlala indima abayinikwe ngamadoda iwona ayeshaya umthetho ukuthi ubani okumele enze kuphi nakuphi, ngokuvamile indima yasebesifazane yayihlale isekhaya. Umkhuba owawandile kwakuyisithembu, inkosikazi ngayinye inikezwa amalungelo lapho khona kunquma umyeni ebabekela umthetho ofunwa nguye ekhohlwe ngamalungelo abo labo besifazane ngoba kwaziwa ukuthi nguye ongumnumzane wekhaya. Amakhosikazi ayedinga imvume yomyeni cishe kuzo zonke izinto abazenzayo noma umuntu leyonto indinga yena kodwa akazithatheli isinqumo ngenxa yenkolelo yephathriyakhi ethi unkosikazi angeke ekwazi ukwenza into ngaphandle kwemvumo yesoka lakhe. Esimeni sesithembu, inkosikazi ngayinye yayinomsebenzi owengeziwe nongapheli wokufuna umusa womyeni okungashiwo ukuthi lokho kuwukhothamela umyeni nokuzincengela ngokuthi ungabi ivila usebenze 37 | P a g e njenge sigqila ukuzama ukuthola ukunakwa ngumuntu owakushada ethi uyakuthanda kodwa ukuphatha njenge sigqila lomuntu omubiza umyeni. “Many feminists state that a woman becomes the tool of man's pleasure in marriage. They believe that, especially in a polygamous society, she spoils the husband with choice morsels that he may be kind to her and her children, because through the children she will be able to assume the role of a grandmother – the queen of the household” („Ademiluka‟, 2018:362). “Abaningi abalwela amalungelo abesifazane bathi owesifazane uba yithuluzi lokujabulisa indoda emshadweni. Bakholelwa ukuthi, ikakhulukazi emphakathini onesithembu, uphekela umyeni wakhe ukudla okukhethekile ukuze abe nomusa kuye nasezinganeni zakhe, ngoba ngezingane uzokwazi ukuthatha indima kagogo - indlovukazi yekhaya” („Ademiluka‟, 2018 :362). Ngezinye izikhathi uze unkosikazi ezithole eselwa namanye amakhosikazi ngesimo sokuthi ufuna ukuthi indoda inake yena lokhu okugcina kwenza begcine bsebenzisa izingane noma amagama abazinika wona akhombisa impi noma ukubhinqa okuthile ongeke ukunake. Kodwa uma usubheka esinye sezifundo esibizwa nge-Onomastics uyakubona lokho kulwela isoka phakathi kwabantu besifazane abasesithenjini, okumele ngabe bayabambana besizane ukuphuma kulencindezelo abakuyo yomshado bona balwela isoka elibahlukumezayo lokhu khombisa ngokusobala ukuthi abantu besifazane inkolelo yesintu ibenze bavumela ukuphila ngaphansi kokuhlukunyezwa nalapho bengajabule khona. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi le mikhuba isaqhubeka ezindaweni eziningi zase-Afrika, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. E-Afrika, ilungelo lefa alibandakanyi abesifazane. Phakathi kwama-Igbo aseningizimu-mpumalanga yeNigeria, isibonelo: “if a husband dies intestate, the woman usually receives nothing And since property can only pass between the same sexes, women are also not expected to inherit from their fathers” („Igbelina-Igbokwe‟, 2013:79). “uma umyeni eshona engashadile, owesifazane ngokuvamile akatholi lutho Futhi njengoba impahla idluliswa phakathi kobulili obufanayo, abesifazane akulindelekile ukuba bazuze ifa koyise” („Igbelina-Igbokwe‟, 2013:79). Ukucwaswa kwezingane zamantombazane kuyisici esigqame kakhulu e-Afrika nakuphathriyakhi. Ezingxenyeni eziningi zase-Afrika eseningizimu nezwekazi lase afrika, 38 | P a g e ingane yowesilisa ivame ukuthandwa kunowesifazane, isizathu esiyinhloko siwukuthi amantombazane “abhekwa njengempahla engasebenziseka kalula eyogcina ishadele kweminye imizi ukuze azale futhi aqinisekise ukuthi uzala amadodana ngale kwalokho kuzoba nomunye unkosikazi. Ezikhathini eziningi, emzamweni wokuba nezingane zabesilisa, amadoda amaningi angathatha umfazi wesibili uma owokuqala engakwazi ukuzala abantwana besilisa. Ngakho-ke, umphumela ohambisanayo walokhu kuthandwa kowesifazane uwukuthi owesifazane ongenamadodana uhlushwa ukuhlalisana kwabantu, ukungazethembi njengoba ehlala ngokwesaba ukulahlekelwa umshado wakhe nomuzi wakhe ngenxa yomunye wesifazane. Ukungayinambithisisi kakhulu ingane yentombazane kungase kube esinye sezizathu ezenza abanye abazali baphoqe amantombazane amancane ukuba ashade esemancane. Isibonelo, kunomkhuba wokuthwala eNingizimu Afrika, ikakhulukazi emaphandleni aseMpumalanga Kapa naKwaZulu-Natal… lapho amantombazane, ngezinye izikhathi aneminyaka engu-9 ubudala ephoqwa ukuba ashade ngisho ngabe ayoshada indoda endala kanjani akukhathalekile emphakathini okholelwa kuphathriyakhi. Omunye engasho ukuthi abanye besifazane njengo mama banesandla ekuphakamiseni ukucindezelwa nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ngoba bayakwazi ukuvumela izingane zabo zisencane ukuthi ziyoshada kufana nokuthi bazilahlela endle. Ukusebenzisana komphakathi kubalulekile ukuze umuntu aphile. Ukusiza kulokhu kusebenzisana, abantu baye bahlakulela imikhuba ethile noma izindlela zokuziphatha ezithathwa njengezemukelekile emphakathini. Lezi ziyalo zokusebenzisana nemfundiso phakathi komphakathi nakubantu besilisa nabesifazane ukuthi kumele bephile kanjani kuyinto edluliswa noma efundiswa ngezizukulwane ngezizukulwane. Kulindeleke ukuthi abantu ngabanye baziphathe ngokuhambisana nalezi zifundiso nezindlela zokuphila zaloyo mphakathi. Izingane zivezwa isiko ezizalelwa kulo futhi ngokungazi lutho kuthatha amasiko nemikhuba yomphakathi. Imindeni ihlanganisa amalungu abesilisa nabesifazane kanye nomphakathi unendima echazwe kahle ngayinye. Kuphathriyakhi, izimfanelo ezihambisana nabesilisa zigqamile uma ziqhathaniswa nalezo ezihambisana nabesifazane. Iphathriyakhi kukholakala ukuthi yaqala kudala ngenxa yezinkinga zebhayoloji ezazingabavumeli abesifazane ukuthi bazingele njengoba babezibandakanya nemisebenzi kamama yokuzala kanye nokukhulisa izingane. Amadoda, ngakolunye uhlangothi aba abahlinzeki benyama futhi ukuzingela izilwane zasendle nakho kwahlakulela izimfanelo zolaka namandla nesibindi ngenkolelo yokuthi indoda kumele ibe insizwa iqine ingabi yigwala. Abesilisa baphethe ezikhundleni ezivelele kanti abesifazane bona bahlala benganazwi ngisho befuna ukuphawula 39 | P a g e ngokungaphatheki kahle ebudlelwaneni abanabo nalabo abangaba khwenyane babo, kumele bafele ngaphakathi ngesimo sokuhlukumezeka ababhekene naso. Kuyinto eyisihlava esibi ikakhulukazi ngoba kuzanywa izindlela zokulwa nokungalingani kobulili ngoba vele ngokwendalo kwakumele sabelene sihloniphane siphakamise ukulingana kwamalungelo ngaphandle kokufuna ukuthi omunye ezibone enamandla ukunomunye kumele kubanjiswane. “Cultural and social norms persist within society because of individuals‟ preference to conform, given the expectation that others will also conform. For instance, traditional beliefs that men have a right to control or discipline women through physical means makes women vulnerable to violence by intimate partners” („Ademiluka‟, 2018:362). “Izinkambiso zamasiko nezenhlalo ziyaqhubeka emphakathini ngenxa yokuthanda komuntu ukuzivumelanisa, njengoba kulindeleke ukuthi nabanye bazovumelana. Isibonelo, izinkolelo zendabuko zokuthi amadoda anelungelo lokulawula noma ukujezisa abesifazane ngezinto ezibonakalayo zenza abesifazane babe sengcupheni yokuhlukunyezwa ngabalingani abasondelene nabo” („Ademiluka‟, 2018:362). Emvakwalokho, amadoda aphinde ethathe izikhundla zezomnotho nezombusazwe, kuyilapho abesifazane becishe bakhishwa ngokuphelele kulezi zindawo. Ngakho-ke abesilisa baba yisizinda futhi abesifazane baba ngaphansi. Isikhungo sikagesi sasinabesilisa nomkhulu, obaba, abayeni nabafowabo ababelawula futhi benza izinqumo kwabesifazane ekhaya. Iphathriyakhi ngokwezwi nezwi isho „umthetho kababa‟ kufanekisela ukubusa kwabesilisa. Yonke lento isuselwa kwinkolelo yephathriyakhi esetshenziswe njenge ndlela yokuphila kubantu emiphakathini lapho ifakwa ngaphansi kwesiko lesintu ikakhulukazi ezweni kazi lase Afrika. Lendlela yokuphila igcine icindezela abantu besifazane ngaphansi kwegama isiko kodwa okuyisiko ilubukeka livuna abantu besilisa ngakolunye uhlangothi amalungelo abantu besifazane acekeleke phansi bahlukunyezwa. Nalento yokuthi udlame nokuhlukunyezwa okubhekiswe kubantu besifazane kuthathwe njengento elungile nemukelekile emphakathini nase mndenini lapho khona ukushaya nokuhlukumeza kuphakanyiswa ukuthi kuyinxenye yempilo nesiko, ikona kanye okumele abantu bekulwele ngoba kuyimfundiso engalungile eyimbangela yokuthi namanje sisabhekene nenkinga yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane (Gender Based-Violence). “Cultural and social norms are highly influential in shaping individual behaviour, including the use of violence. Norms can protect against violence, but they can also 40 | P a g e support and encourage the use of it. For instance, cultural acceptance of violence, either as a normal method of resolving conflict or as a usual part of rearing a child, is a risk factor for all types of interpersonal violence” („Ademiluka‟, 2018:368). “Imikhuba yamasiko nenhlalo inomthelela omkhulu ekulolongeni ukuziphatha komuntu, okuhlanganisa nokusetshenziswa kodlame. Imithetho ingavikela udlame, kodwa futhi ingasekela futhi ikhuthaze ukusetshenziswa kwayo. Isibonelo, ukwamukela udlame ngokwesiko, njengendlela evamile yokuxazulula izingxabano noma njengengxenye evamile yokukhulisa ingane, kuyisici esiyingozi sazo zonke izinhlobo zodlame phakathi kwabantu” („Ademiluka‟, 2018:368). Kanti naye umuntu wesifazane ukhandiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. Njengendoda, umuntu wesifazane naye udalwe ngenhloso yokuthi azi, ikakhulukazi ukwazi uNkulunkulu njengoba sonke kufanele simazi simkhonze futhi ngaphandle kokucwasana ngokobulili. Abalweli besifazane bangampela ifeminizimu, ingakho ihlonipha ukubaluleka komuntu wesifazane njengomfanekiso kaNkulunkulu. Lapho khona ehlukile ngokwakhiwa nangomfanekiso kaNkulunkulu kumuntu wesilisa, ingakho wonke umuntu kumele azi ukuthi lomehluko owadalwa nguMvelinqangi umehluko wendalo nofanelekile ukuthi ube ukuze sikwazi ukuphila ngendlela eyimvelo kaNkulunkulu. Ngakho-ke, lokuhlukana ngokwesakhiwo akusho ukuthi kumele sicwasane kube khona abantu abazizwa bengayilutho ngenxa yobulili abayibona begcine becindezelekile. Ingakho ifeminizimu ikhathazeke kakhulu ngokuthi umuntu wesifazane uphila kanjani nokulwa nendlela akacindezeleke ngayo ngaphansi kwesiko nephathriyakhi. Indlela abantu abadalwe ngayo nezinto abanzenzayo bazenza ngendlela yobulili abayibona, owesimame wenza okwesimame kanjalo nowesilisa wenza okufanele akwenze, kungabi nokubukela phansi omunye umuntu phansi ngenxa yobulili umthathe njengesidalwa esingeyilutho wonke umuntu unelungelo elilingana nelomunye akumele kube khona abahlukumeza abanye isikhathi esiningi abantu abayizisulu zokuhlukunyezwa ngabesifazane. “Radical feminists argue that patriarchal societies oppress women and that, as physical violence is the basis of patriarchy, it can only be defeated when women realize their own inner strength and values” („Gumede‟, 2018:40). “Amafeministi anohloze athi imiphakathi yephathriyakhi icindezela abesifazane futhi lokho, njengoba udlame ngokomzimba luyisisekelo sephathriyakhi, lokhu 41 | P a g e kunganqontshwa kuphela uma abesifazane bengabona amandla abo angaphakathi namagugu” („Gumede‟, 2018:40). E-Afrika, abalweli besifazane abakwezombusazwe abahlukile nalabo abaphila ngaphansi kwenhlupheko, ukungafundi, ukuhlukunyezwa nokuphila phansi kwezinxabano ngoba nabo basabhekene nenkinga yokunikwa ezikhundla ezingaphansi kwabantu besilisa. Noma ngabe selukhona ushintsho olukhona kodwa kusekude phambili ekutheni kufezwe isifiso sokuthi kulinganwe ngokobulili nokuthi abantu besilisa bevumele ukuba abantu besifazane bephathe ngisho ezikhundleni eziphezulu ngaphandle kokuthi bezizwe belahlekelwa ubudoda. Isibonelo nje kuze kube yimanje asikaze sibe nomungameli wesifazane ohola izwe emazweni afana noZimbabwe neNingizimu Afrika njalo njalo. Ngisho uzwa abantu bezikhulumeza nje ngezindaba zombusazwe omunye uke umuzwe ethi „ngeke siphathwe umfazi‟, isizathu salenkolelo yokuthi umuntu ongumuholi noma ongaphatha abantu ngumuntu wesilisa into esatholakala kakhulu emazweni ase Afrika ikakhulakazi ezindaweni zase makhaya ubulili bubukwa ngezindlela ezihlukanisayo abantu kuhluka ngokubuhlanga nesiko. Lokhu kuyakhombisa ukuthi basebaningi abantu besilisa abangafuni ukuthi benikize abantu besifazane amandla nezikhundla eziphezulu nokuthi benikeze amalungelo afanayo nawabo. Ngokwesiko lesi Zulu, kunombono okhona ongalungile ngokwehlukaniswa kwemisebenzi okumele yenziwe abesifazane nabesilisa ngokwehlukana kobulili. Kunemisebenzi eyenziwa ngabantu besilisa kuphela kuphinde kube khona eyenziwa ngabantu besifazane kuphela. Lokungalingi nokwehlukana kwemisebenzi kuvela kakhulu uma kwenzeka umusebenzi wabantu besifazane wenziwa indoda, lapho khona indoda izizwa iphelelwa isithunzi futhi izizwa idelelekile. Lokhu kuyinto engafuneki ngoba yikho lokhu okwenza kugcine kunodlame olukhona ngesimo sokuthi izinto ezenziwa ngabantu besifazane zibonakala njengezinto ezingeyilutho amadoda azibukela phansi. Kanti kufanele kulekelelwane ikakkhulukazi esikhathini esiphila kuso manje ukuze siqede udlame olukhona olubhekiswe kubantu besifazane. “it is a worrying phenomenon, especially now that women in leading economies have exhibited a significant level of ability in shaping political and ecomomic discourses. A country which is a hub of African commerce continues to struggle to bring a number of women in the same round table with their male counterparts for decision making despite the constitutuinal provision of equal rights and privileges among male and female citizens. Patriarchy prevails amidst gross violations of women‟s rights through 42 | P a g e doestic violence, female genital mutilation, among others” („Tufekci noHashiru‟, 2021:238). “Kuyisimo esikhathazayo, ikakhulukazi manje lapho abesifazane abasemazingeni aphezulu kwezomnotho sebebonise izinga elibalulekile lekhono ekulolongeni izinkulumo zezepolitiki nezomnotho. Izwe eliyisizinda sezohwebo e-Afrika liyaqhubeka nokuzabalaza ukuletha inani labesifazane etafuleni elilodwa nozakwabo besilisa ukuze kuthathwe izinqumo ngaphandle kokuhlinzekwa okungokomthetho kwamalungelo alinganayo phakathi kwezakhamuzi zabesilisa nabesifazane. iphathriyakhi ikhona phakathi kokwephulwa okukhulu kwamalungelo abantu besifazane ngodlame lwezinkanuko, ukucuywa kwezitho zangasese zabesifazane, nokunye nokunye” („Tufekci noHashiru‟, 2021:238). Abesifazane bayayalwa uma bezongena emendweni ukuthi baziphathe kahle kodwa kwabesilisa akunjalo. Abesilisa bangenza noma ngabe yini abayithandayo ngoba angeke kube yizindaba zalutho. Bayazi ukuthi omakoti babo bazobaxolela noma bangenza kuphi ukukhohlakala ngoba bayaliwe ukuthi babe noxolo. Nazi izaga eziphathelene nomendo ezibhekiswe kwabesifazane; Ukwenda wukuzilahla – Ingoba intombazane kayazi ukuthi iyophatheka kanjani emendweni. Kumele wonke umuntu aphatheke kahle ezinsukwini zokuphila kwakhe. Kuyilungelo lakhe ukuthi aphile kahle, aphatheke kahle futhi engahlukumezeki. Akumele neze ingatshazwe indlela owesifazane azophatheka ngayo emshadweni, kumele aphatheke kahle, aphathwe kahle futhi engahlukumezeki. Ngokwemvelo kumele kuhlonishwane umuntu wesilisa ehloniphe owesifazane kanjalo nowesifazazane ehloniphe owesilisa. Ngokwesintu sesiZulu kunezaga ezikhona eziveza ukuchema nokucindezela ubulili obuthize ziphinde zivune ubulili obunye, ‘Kuhlonishwa kabili’. Lesisaga abantu besilisa abasihloniphi noma abahambisani naso ngoba ababahloniphi abantu besifazane ngesimo sokuthi bakholelwa ekutheni ibona okumele behlonishwe. Ngakolunye uhlangothi kunesaga esithi ‘Ihlonipha la ingayokwendela khona’ lesaga sikhombisa ukuthi abantu besifazane balindeleke ukuthi behloniphe noma ngabe kunjani ngesimo sokuthi abazazi ukuthi bayoshadelaphi nokuthi ikusasa libaphatheleni, omunye engasho ukuthi lesaga sichemile ikakhulukazi esikahthini esiphila kuso manje ngoba, akusamele ukuthi kubekhona abantu ababukela phansi amalungelo abanye abantu kumele kubanjiswane. Izaga, izisho kanye neziyalo zibamba iqhaza elikhulu ekucindezelekeni kwabesifazane, kusukela ebuncaneni kuze kufike ebudaleni lapho begana noma beshada. 43 | P a g e Umphakathi uyakugcizelela ukuthi abantu besifazane baziphathe ngendlela ethile ukuze bethole umendo futhi bahloniphe abantu abadala kanye nabesilisa. Iziyalo, izaga nezisho ziyamuphoqa owesifazane ukuthi ahloniphe wonke umuntu, agane (engabonwa njengesahluleki), andise umndeni ngokuthola ingane yomfana, anakekele, akhulise izingane ngoba intandane enhle ngumakhothwa ngunina. Kusenjalo ulindeleke ukuthi abekezele emshadweni ngoba uma kwenzeka ungaphumeleli umshado lowo kusolwa owesifazane, uze abizwe ngamagama, ahlekwe, abukelwe phansi kodwa kwabesilisa akunjalo. Lokhu kusicacisela kabanzi ukuthi imizi eminingi kukhala isicathulo sabesilisa ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya. Kunzima kakhulu ukungahambisani nesiko ngoba isiko lithi uma ungena emshadweni ulalela umyeni wakho uphinde umnakekele futhi kweminye imishado awulitholi ngisho ithuba lokuphawula. Ngowami umbono, mina ngiyavuma ukuthi impela lezi zaga zikhetha noma zivuna abantu besilisa, ngoba angikaze ngizwe kuthiwa kunesaga nje esiqondiswe kubantu besilisa, esimayelana nokuziphatha kwabo besakhula beze beganwe. Njengaso nje lesi esithi ihlonipha la ingayikwendela khona, sonke siyazi ukuthi vele lapho kusuke kubhekiswe kumuntu wesifazane. Bese kuba khona isaga esithi „Izwi lendoda alibhekwa’ lokhu kucacisa ngokusabala ukuthi into eshiwo indoda iyona ezwakalayo futhi kumele ihlonishwe leyonto ngaphandle kokubheka ukuthi ngabe lawomazwi ahlala kanjani komunye umuntu ngoba iyona indoda enamandla, lesaga siveza ukulawula kwendoda. Uma ngabe kungaziwa ukuthi umakoti uyophatheka kanjani lapho ayoganela khona kusho ukuthi engaphatheka kahle noma engaphatheka kabi, phecelezi ahlukunyezwe. Yikho lokho okungafuneki. Okumele kwenziwe isiqinisekiso sokuthi intombazane uma ihamba iyogana izophatheka kahle futhi uma iphatheka kabi ivunyelwe ukuthi ibuyele ekhaya ingaze iphume ngebhokisi lapho iganele khona. Mhlambe kumele kube khona izaga nezisho neziyalo ezivezayo ukuthi umuntu wesifazane uzophatheka kanjani lapho esuke eyogana khona ukuze ekwazi ukuthi ezithathele isinqumo ukuthi uyafuna noma cha, ngoba abantu besifazane nabo banamlungelo okuzikhethela yini ebalungele ingakho ngibhala lolu cwaningo ngihlose ukugqugquzela abantu ukuthi bekwazi ukuphathana ngokulingana kuliwe nokucindezelwa kwabesifazane. Esizweni samaZulu, igama lendoda alibi ize. Zonke izeluleko zendoda kufanele zihlonishwe kakhulu, kuyilapho ezowesifazane ngokuvamile zithathwa kalula. Kuyinkolelo evamile emphakathini wamaZulu ukuthi amadoda angabaphathi bekusasa labo, futhi zonke izixazululo ezidingekayo zingaphakathi kwemicabango yabo. Indoda evumela izwi layo ukuba lihlulwe ngelesifazane liyahlekwa, ngakho-ke ayiyitholi inhlonipho kwamanye 44 | P a g e amadoda. Igunya lakhe ngesikhathi sezimbizo, imibuthano yomphakathi nezinye izinkundla ezibalulekile likalwa ngendlela aphatha ngayo umkakhe endlini. Iningi labesilisa abangamaZulu linenkolelo efanayo yokuthi igama lowesifazane linesisindo esincane uma liqhathaniswa nelendoda. Lesi saga sisho ukuthi ukuze owesilisa ahlonishwe emphakathini kumele aqinisekise ukuthi abesifazane emzini wakhe basesimweni esiphansi kwesandla sakhe bemuhloniphe („Mpungose‟, 2010). UNyembezi (1990:140): “argues that a man who keeps women in "their own place" [that is to say, in a subordinate, oppressed position] is a good master. Such a view highlights the attitude of the majority of Zulu men who demean the role of women, finding justification for their attitude and actions from society because the society itself is also of a patriarchal mindset”. “uphikisa ngokuthi indoda egcina abesifazane “endaweni yabo siqu” [okungukuthi, esikhundleni esiphansi, esicindezelwe] iyindoda eqotho. Umbono onjalo ugqamisa isimo sengqondo seningi sabesilisa abangamaZulu ababukela phansi indima yabesifazane, bethola izizathu zokuthi baziphathe kanjani kanye nezenzo zabo emphakathini ngoba nomphakathi uqobo unengqondo yephathriyakhi”. Emphakathini wamaZulu, owesifazane nakanjani uthatha indawo yesibili. Akalingani nomyeni wakhe, futhi kufanele amlalele. Kumele futhi ahloniphe abasekhweni lakhe noma emzini la eshadele khona. Umbono onjalo usekela umbono wokuthi emphakathini wamaZulu amadoda azibheka njengamakhosi phezu kwamakhosikazi awo, futhi awasiboni isidingo sokubonisana nabesifazane ezindabeni ezithinta umuzi nomndeni. Kusenzima kona ukuthi abantu besilisa bevumele ukuphatha ngokulinganayo nabantu besifazane kodwa esikhathi esiphila kuso akusiwo wonke umuntu osenalelo nkolelo yokucindezela abantu besifazane sekukhona ushintsho olukhona. Ukuphuma nje kancane esihlokweni, uma uzobheka uhlelo oludlala kumabona kude (Mzansi Magic) njalo ngolwesine ngehora lesishangolombili okuthiwa ‘Uthando nesthembu’ luka Mseleku. Lolu uhlelo olumayelana nempilo kaMseleku nesithembu sakhe samakhosikazi amane. Lolu hlelo liveza impilo yasesithenjini kulesisikhathi samanje, ongazi engasho ukuthi lesisithembu siphila kahle akunazinkinga kanti cha uma usubhekisisa uyabona kuningi okukhombisa ukungahambi kahle kwenzinto ngisho kuyisithembu sesimanje, ngoba impela amakhosikazi akhe uMseleku uzama ngayo yonke indlela ukuthi belingane 45 | P a g e bengahlukumezeki nokuthi ebefake ezinhlelweni zakhe. Uma ubheka kusekhona loluqhekeko olukhona phathakhi kwabantu besilisa namakhosikazi abo. Ngizolinganisa ngonkosikazi kaMseleku wesithathu umaNgwabe, umaNgwabe ubefunda efundela iziqu zokuba umhlengikazi kodwa uMseleku ebengakujabuleli lokho ngoba yena efuna ukuthi umaNgwabe emuzalele ezinye izingane. Ngokuthi sekuphilwa esikhathini senkululeko umaNgwabe ukwazile ukuthi eqede izifundo zakhe waqhubeka nazo ngisho kunganambisiseki kahle kumyeni wakhe. Uthe eseqedile ukufunda kwaba uyena futhi umyeni osejabule okuyindida ukuthi noma ujabulele ukuthi usezothola ithuba lokuthi benze izingane futhi noma ujabulele inkululeko yomkakhe. Ngakolunye uhlangothi lamakhosikazi ewonke uyabona ukuthi awazwani kahle kunokubhuqana okukhona nokuhlekisana into engekho. Lokhu kuyakhombisa ukuthi uma nabantu besifazane bengabambene kuze kube yimanje ekulweni nokuthuthukiswa nokuvikelwa kwamalungelo abo, usemuningi umusebenzi okumele wenziwe isizwe ukuqeda ukucindezelana nokuhlukumezeka ngokobulili. Omunye unkosikazi kaMseleku osenkingeni ngumaKhumalo ngesizathu sokuthi akakwazi ukuthola izingane (ukuzala kuyinto ehamba phambili emshadweni, iyona ndima yabesifazane) manje indoda yakhe ikhethe ukuthi ithathe umuntu wakwaKhumalo ngenkolelo yokuthi ngoba esethathe kwaKhumalo kumele nezingane ezizalwa khona. Yonke lento yenzeka ngaphandle kokubheka ukuthi ngabe yini imbangela yokungazitholi izingane ngoba umfazi ulindeleke ukuthi ezale izingane futhi ngingasho ukuthi imizwa yakhe kulento ayicatshangelwanga uyahlukunyezwa ngamanye amazwi. Njengoba indima yowesifazane yakhiwe emphakathini noma isizwe ahlala kuso, lowo mphakathi noma isizwe kufanele siguquke ukuze sivumelane nokushintsha kwezikhathi. Ngicabanga ukuthi isiko nesintu kungashintsha ukuze kumukele nabesi